Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

IBhayibheli Elikuyi-Internet | INGUQULO YEZWE ELISHA YEMIBHALO ENGCWELE

Levitikusi 3:1-17

3  “‘Uma umnikelo walowo mphefumulo ungumhlatshelo wenhlanganyelo,+ uma uletha ovela emhlambini wezinkomo, kungakhathaliseki ukuthi iduna noma insikazi, uyoletha ophilile+ phambi kukaJehova.  Kumelwe ubeke isandla sawo enhloko+ yomnikelo wawo, uhlatshelwe emnyango wetende lokuhlangana; amadodana ka-Aroni, abapristi, afafaze i-altare ngegazi nxazonke.  Kumelwe ulethe omunye womhlatshelo wenhlanganyelo njengomnikelo oshiswa emlilweni, oya kuJehova, okungukuthi, umhlwehlwe,+ yebo wonke umhlwehlwe,+  nezinso zombili+ namanoni azo, ngokufanayo nalawo asezinkalweni. Kepha iseleko esiphezu kwesibindi, uyosisusa kanye nezinso.  Amadodana ka-Aroni+ kumelwe awuthunqise+ e-altare, phezu komnikelo wokushiswa ophezu kwezinkuni+ ezisemlilweni, njengomnikelo oyiphunga elizolisayo+ kuJehova, oshiswa emlilweni.  “‘Uma umnikelo wawo womhlatshelo wenhlanganyelo oya kuJehova uthathwé emhlambini wezimvu nezimbuzi, iduna noma insikazi, uyoletha ophilile.+  Uma uletha iwundlu eliyiduna njengomnikelo wawo, khona-ke kumelwe uwulethe phambi kukaJehova.+  Kumelwe ubeke isandla sawo enhloko+ yomnikelo wawo, uhlatshelwe+ phambi kwetende lokuhlangana; amadodana ka-Aroni afafaze i-altare ngegazi lawo nxazonke.  Kumelwe ulethe amanoni awo avela emhlatshelweni wenhlanganyelo njengomnikelo oshiswa emlilweni, oya kuJehova.+ Uyowususa wonke umsila ononile+ eduze komgogodla, nomhlwehlwe, yebo wonke umhlwehlwe,+ 10  nezinso zombili namanoni azo, ngokufanayo nalawo asezinkalweni. Kepha iseleko+ esiphezu kwesibindi, uyosisusa kanye nezinso. 11  Umpristi kumelwe akuthunqise+ phezu kwe-altare njengokudla,+ umnikelo oya kuJehova oshiswa emlilweni. 12  “‘Uma umnikelo wawo kuyimbuzi,+ khona-ke kumelwe uyilethe phambi kukaJehova. 13  Kumelwe ubeke isandla sawo phezu kwenhloko yayo,+ ihlatshelwe+ phambi kwetende lokuhlangana; amadodana ka-Aroni afafaze i-altare ngegazi layo nxazonke. 14  Kumelwe uthathe kuyo umhlwehlwe uwulethe njengomnikelo wawo, njengomnikelo oya kuJehova oshiswa emlilweni, yebo wonke umhlwehlwe,+ 15  nezinso zombili namanoni azo, ngokufanayo nalawo asezinkalweni. Kepha iseleko esiphezu kwesibindi, uyosisusa kanye nezinso. 16  Umpristi kumelwe akuthunqise phezu kwe-altare njengokudla, umnikelo oshiswa emlilweni, oyiphunga elizolisayo. Wonke amanoni angakaJehova.+ 17  “‘Kuyisimiso kuze kube nini nanini ezizukulwaneni zenu, kuzo zonke izindawo zenu zokuhlala: akumelwe niwadle amanoni negazi.’”+

Imibhalo yaphansi