Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

Joshuwa 20:1-9

20  Khona-ke uJehova wakhuluma noJoshuwa, wathi:  “Khuluma nabantwana bakwa-Israyeli, uthi, ‘Nikelani ngemizi yesiphephelo+ engakhuluma ngayo kini ngoMose,  ukuze kubalekele khona umbulali+ oshaya umphefumulo ufe engahlosile; kumelwe kini ibe isiphephelo kumphindiseli wegazi.+  Kumelwe abalekele+ kweminye yale mizi ame emnyango wesango+ lomuzi akhulume amazwi akhe kuzwa amadoda amadala+ akulowo muzi; amamukele emzini amnike indawo ahlale kanye nawo.  Uma kwenzeka umphindiseli wegazi emsukela, akufanele amnikele esandleni sakhe lowo mbulali;+ ngoba washaya umuntu wakubo wafa engazi, futhi wayengamzondi ngaphambili.+  Kumelwe ahlale kulowo muzi kuze kube yilapho ema phambi kwenhlangano ukuze ahlulelwe,+ kuze kufe umpristi ophakeme+ okhona ngalezo zinsuku. Yingaleso sikhathi lapho umbulali engabuyela khona emuva,+ khona-ke usengangena emzini wakubo nasendlini yakhe, emzini abaleka kuwo.’”  Ngakho balinika isikhundla esingcwele iKedeshi+ eGalile esifundeni sezintaba sakwaNafetali, neShekemi+ esifundeni sezintaba sakwa-Efrayimi, neKiriyati-ariba,+ okungukuthi, iHebroni, esifundeni sezintaba sakwaJuda.  Esifundeni saseJordani, eJeriko, ngasempumalanga banikela ngeBhezeri+ ehlane ezweni elendlalekile lesizwe sakwaRubeni,+ neRamoti+ eGileyadi esizweni sakwaGadi, neGolani+ eBhashani esizweni sakwaManase.  Lena kwaba yimizi emiselwe bonke abantwana bakwa-Israyeli nomfokazi ogogobele phakathi kwabo, ukuba kubalekele kuyo noma ubani oshaya umphefumulo ufe engahlosile,+ ukuze angafi ngesandla somphindiseli wegazi kuze kube yilapho ema phambi kwenhlangano.+

Imibhalo yaphansi