Johane 20:1-31
20 Ngosuku lokuqala+ lwesonto uMariya Magdalena wafika ethuneni ekuseni, kuseluvivi, futhi wabona itshe selisusiwe kakade ethuneni.+
2 Ngakho-ke wagijima wafika kuSimoni Petru nakulona omunye umfundi+ uJesu ayemthanda, wathi kubo: “Bayisusile iNkosi ethuneni,+ asazi ukuthi bayibekephi.”
3 Khona-ke uPetru+ nalona omunye umfundi baphuma baya ethuneni.
4 Yebo, laba ababili bagijima kanyekanye; kodwa lona omunye umfundi wagijima ngejubane elikhulu wamshiya uPetru, wafika kuqala ethuneni.
5 Lapho elunguza, wabona amabhandeshi ephansi,+ nokho akazange angene.
6 Khona-ke uSimoni Petru naye weza emlandela, wangena ethuneni. Wabona amabhandeshi ephansi,+
7 indwangu eyayisekhanda lakhe ingekho kanye namabhandeshi kodwa igoqwe yodwa eceleni.
8 Ngakho-ke, ngaleso sikhathi lona omunye umfundi owayefike kuqala ethuneni naye wangena, wabona futhi wakholwa.
9 Ngoba babengakawuqondi umbhalo othi kumelwe avuke kwabafileyo.+
10 Ngakho laba bafundi babuyela emakhaya.
11 Nokho, uMariya waqhubeka emi ngaphandle eduze kwethuna, ekhala. Lapho esakhala, walunguza ukuze abheke ethuneni
12 wabona izingelosi+ ezimbili zigqoke okumhlophe zihlezi enye ngasekhanda nenye ngasezinyaweni lapho kwakukade kulele khona isidumbu sikaJesu.
13 Zathi kuye: “Sifazane, ukhalelani na?” Wathi kuzo: “Bayithathile iNkosi yami, angazi ukuthi bayibekephi.”
14 Ngemva kokusho lezi zinto, waphenduka futhi wabona uJesu emile, kodwa akaqondanga ukuthi kwakunguJesu.+
15 UJesu wathi kuye: “Sifazane, ukhalelani? Ufuna bani na?”+ Yena ecabanga ukuthi ngumgcini-nsimu, wathi kuye: “Mnumzane, uma umthathile, ngitshele ukuthi umbekephi, ngizomthatha.”
16 UJesu wathi kuye: “Mariya!”+ Lapho ephenduka, yena wathi kuye, ngesiHebheru: “Raboni!”+ (okusho ukuthi “Mfundisi!”)
17 UJesu wathi kuye: “Yeka ukunamathela kimi. Ngoba angikanyukeli kuBaba. Kodwa hamba uye kubafowethu+ uthi kubo, ‘Nginyukela kuBaba+ noYihlo, kuNkulunkulu wami+ noNkulunkulu wenu.’”+
18 UMariya Magdalena weza waletha lezi zindaba kubafundi ethi: “Ngiyibonile iNkosi!” ethi futhi ishó lezi zinto kuye.+
19 Ngakho-ke, lapho selishonile ngalolo suku, olokuqala lwesonto,+ futhi nakuba lapho abafundi babekhona iminyango yayihluthulelwe ngenxa yokwesaba+ amaJuda, uJesu wafika+ wema phakathi kwabo wathi kubo: “Kwangathi ningaba nokuthula.”+
20 Ngemva kokuba esho lokhu, wababonisa kokubili izandla zakhe nohlangothi lwakhe.+ Khona-ke abafundi bajabula+ lapho bebona iNkosi.
21 UJesu waphinda wathi kubo: “Kwangathi ningaba nokuthula. Njengoba nje uBaba engithumile,+ nami ngiyanithuma.”+
22 Ngemva kokuba esho lokhu wabaphephetha wathi kubo: “Yamukelani umoya ongcwele.+
23 Uma nithethelela izono zanoma yibaphi abantu,+ bathethelelwe zona; uma nigcina ezanoma yibaphi abantu, zigciniwe.”+
24 Kodwa uTomase,+ omunye wabayishumi nambili, owayebizwa ngokuthi iWele, wayengekho kanye nabo lapho uJesu efika.
25 Ngenxa yalokho abanye abafundi bathi kuye: “Siyibonile iNkosi!” Kodwa yena wathi kubo: “Ngaphandle kokuba ngibone amanxeba ezipikili ezandleni zayo futhi ngifake umunwe wami kulawo manxeba ezipikili, ngifake nesandla sami ohlangothini lwayo,+ ngokuqinisekile ngeke ngikholwe.”+
26 Nokho, ezinsukwini eziyisishiyagalombili kamuva abafundi bakhe babesendlini futhi, noTomase ekanye nabo. UJesu wafika, nakuba iminyango yayihluthulelwe, wema phakathi kwabo wathi: “Kwangathi ningaba nokuthula.”+
27 Ngemva kwalokho wathi kuTomase: “Faka umunwe wakho lapha, ubone izandla zami, uthathe isandla sakho+ usifake ohlangothini lwami, uyeke ukungakholwa kodwa ukholwe.”
28 UTomase ephendula wathi kuye: “Nkosi yami, Nkulunkulu wami!”+
29 UJesu wathi kuye: “Ingabe usuyakholwa ngoba usungibonile? Bayajabula labo okuthi nakuba bengabonanga nokho bakholwe.”+
30 Empeleni, uJesu wenza nezinye izibonakaliso eziningi phambi kwabafundi, ezingalotshwanga phansi kulo mqulu.+
31 Kodwa lezi zilotshwé phansi+ ukuze nikholwe ukuthi uJesu unguKristu iNdodana kaNkulunkulu, nokuthi, ngenxa yokukholwa,+ nibe nokuphila ngegama lakhe.