Jobe 9:1-35
9 UJobe waphendula wathi:
2 “Ngempela ngiyazi ukuthi kunjalo.Kodwa umuntu ofayo angaba kanjani ongenaphutha odabeni noNkulunkulu?+
3 Uma kungenzeka akujabulele ukuphikisana naye,+Ngeke amphendula nakanye enkulungwaneni.
4 Unenhliziyo ehlakaniphile futhi uqinile ngamandla.+Ubani ongaba nenkani kuye futhi asale engenamyocu?+
5 Uzigudlulela kude+ izintaba, abantu bangazi nakwazi ngazo,Lowo ozigumbuqele ngentukuthelo yakhe.+
6 Wenza umhlaba uzamazame endaweni yawo,Kangangokuba zona kanye izinsika+ zawo ziyaqhaqhazela.
7 Uthi elangeni malingaphumi,Futhi ubeka uphawu luzungeze izinkanyezi,+
8 Welula amazulu ngokwakhe+Anyathele phezu kwamagagasi aphakeme olwandle;+
9 Wenza umlaza i-Ashi, umlaza iKhesili,Nomlaza iKhima+ namakamelo angaphakathi eNingizimu;
10 Wenza izinto ezinkulu ezingaphenyeki,+Nezinto ezimangalisayo ezingenasibalo.+
11 Bheka! Udlula ngakimi kodwa angimboni,Uyaqhubeka kodwa angimqapheli.+
12 Bheka! Uyahlwitha. Ubani ongamelana naye?Ubani oyothi kuye, ‘Wenzani?’+
13 UNkulunkulu ngokwakhe ngeke alunqande ulaka lwakhe;+Abasizi bomhlaseli+ kumelwe bakhothame ngaphansi kwakhe.
14 Kakhulu kangakanani uma kwenzeka mina ngimphendula!Ngiyowakhetha amazwi ami kuye,+
15 Lowo ebengingeke ngimphendule, ngisho noma bengingenaphutha ngempela.+Bengiyonxusa umusa walowo omelene nami emthethweni.+
16 Uma bengimbizile, ingabe ubeyongiphendula?+Angikholwa ukuthi ubeyobeka indlebe ezwini lami;
17 Ongilimaza ngesivunguvunguFuthi ngokuqinisekile enze amanxeba ami abe maningi ngaphandle kwesizathu.+
18 Ngeke angivumele ukuba ngiphefumule umoya omusha,+Ngoba ulokhu engigxisha ngezinto ezibabayo.
19 Uma kunomuntu oqinile ngamandla, nguyena-ke lowo;+Futhi uma kunomuntu onamandla ngobulungisa, kwangathi ngingabizwa!
20 Ukube bengingongenaphutha, umlomo wami siqu ubuyothi ngimubi;Ukube bengingongasoleki, khona-ke ubeyothi ngiyisigwegwe.
21 Ukube bengingongasoleki, bengingeke ngiwazi umphefumulo wami;Bengizokwenqaba ukuphila kwami.
22 Kunento eyodwa nje kuphela. Yingakho ngithi,‘Ongasoleki, nomubi, uyabaqeda.’+
23 Uma isikhukhula esikhulu esisheshayo singabangela ukufa ngokuzumayo,Khona kanye ukuphelelwa ithemba kwabamsulwa ubeyokuhleka.
24 Umhlaba ngokwawo unikelwé esandleni somubi;+Uyabumboza ubuso babahluleli bawo.Uma kungenjalo, khona-ke, ngubani?
25 Izinsuku zami nazo zisheshé kakhulu kunomgijimi;+Zibalekile, ngokuqinisekile ngeke zikubone okuhle.
26 Zihambé njengezikebhe zomhlanga,Njengokhozi olutshuza luye phambili nasemuva ukuze luthole okudliwayo.+
27 Ukube bengithé, ‘Mangikhohlwe ukukhathazeka kwami,+Mangiguqule ubuso bami+ ngincibilike’
28 Ngizesabile zonke izinhlungu zami;+Ngiyazi ukuthi ngeke ungibheke njengomsulwa.
29 Mina ngokwami kumelwe ngibe mubi.Kungani ngikhandlekela ize nje?+
30 Ukube empeleni bengigezé emanzini eqhwa,Futhi empeleni ngahlamba izandla zami kusoda wokuwasha,+
31 Khona-ke ubuyongicwilisa emgodini,Futhi ngokuqinisekile izingubo zami beziyonengwa yimi.
32 Ngoba akayena umuntu+ njengami ukuba ngimphendule,Ukuba sihlangane ndawonye ekwahluleleni.
33 Akukho muntu wokunquma phakathi kwethu,+Ukuba abeke isandla sakhe phezu kwethu sobabili.
34 Makasuse induku yakhe phezu kwami,+Futhi ukwethusa kwakhe, makungangesabisi kakhulu.
35 Mangikhulume ngingamesabi,Ngoba anginakho ukuthambekela okunjalo kimi.