Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

IBhayibheli Elikuyi-Internet | INGUQULO YEZWE ELISHA YEMIBHALO ENGCWELE

Jobe 5:1-27

5  “Siza, umemeze! Ukhona yini okuphendulayo?Futhi yimuphi kwabangcwele oyophendukela kuye?   Ngoba oyisiwula uyobulawa ukukhathazeka,Nohungeka kalula uyobulawa ukuba nomona.   Mina ngokwami ngimbonile oyisiwula emila izimpande,+Kodwa ngokushesha ngaqalekisa indawo yakhe yokuhlala.   Amadodana akhe ahlala ekude nensindiso,+Futhi ayachotshozwa esangweni engenamkhululi.   Akuvunayo kudliwa olambile;Umuntu uyakuthatha ngisho nasezingwegweni zasesilaheni,Nogibe empeleni luxhakathisa abaziphilisa ngako.   Ngoba okulimazayo akuphumi othulini nje,Nenkathazo ayiveli emhlabathini nje.   Ngoba umuntu uzalelwa inkathazo,Njengoba izinhlansi ziqhashela phezulu.   Nokho, mina ngokwami bengiyocela kuNkulunkulu,Bengiyokwethula udaba lwami kuNkulunkulu,+  KuLowo owenza izinto ezinkulu ezingaphenyeki,Izinto ezimangalisayo ezingenasibalo;+ 10  KuLowo onika imvula phezu kobuso bomhlaba+Nothumela amanzi phezu kweziganga;+ 11  KuLowo obeka abaphansi endaweni ephakeme,+Ukuze abadabukile baphakame ekusindisweni; 12  KuLowo oshafisa amacebo abahlakaniphile,+Ukuze izandla zabo zingasebenzi ngokuphumelelayo; 13  KuLowo obamba abahlakaniphile ebuqilini babo,+Kangangokuba icebo labakhaliphile lenziwa ngokutatazela;+ 14  Banqwamana nobumnyama ngisho nasemini bebade,Futhi bayaphumpuphumputha emini njengokungathi kusebusuku;+ 15  NakuLowo omkhululayo ompofu enkembeni ephuma emlonyeni wabo,Nasesandleni sonamandla,+ 16  Kangangokuba kuba khona ithemba ngophansi,+Kodwa ukungalungi empeleni kuvala umlomo wako.+ 17  Bheka! Uyajabula umuntu uNkulunkulu amsolayo;+Musa ukwala isiyalo soMninimandla onke! 18  Ngoba yena ngokwakhe ubangela ubuhlungu, kodwa alibophe inxeba;Uyaphihliza kube yizicucu, kodwa izandla zakhe siqu ziyaphulukisa. 19  Ezinsizini eziyisithupha uyokukhulula,+Nakweziyisikhombisa akukho lutho olulimazayo oluyokuthinta.+ 20  Ngokuqinisekile phakathi nendlala uyokukhulula ekufeni,+Naphakathi nempi emandleni enkemba. 21  Uyofihlwa esiswebhini solimi,+Ngeke ukwesabe ukuphanga lapho kufika. 22  Uyokuhleka ukuphanga nokulamba,Futhi akudingekile ukuba wesabe isilo sasendle somhlaba. 23  Ngoba isivumelwano sakho siyoba namatshe asendle,Futhi isilo sasendle siyokwenziwa sihlale ngokuthula nawe.+ 24  Ngokuqinisekile uyokwazi ukuthi ukuthula ngokwako kuyitende lakho,Futhi uyobopheka ukuba uhambe uyobona idlelo lakho, futhi awuyikulahlekelwa yilutho. 25  Ngokuqinisekile uyokwazi ukuthi inzalo yakho iningi+Nokuthi uzalo lwakho lunjengezimila zomhlaba.+ 26  Uyofika uyingqabavu endaweni yokungcwatshwa,+Njengalapho izithungo zinqwabelana ngesikhathi sazo. 27  Bheka! Yilokhu esikuphenyile. Kunjalo.Kuzwe, futhi wena—zazele kona.”

Imibhalo yaphansi