Jobe 40:1-24
40 UJehova wamphendula uJobe wathi:
2 “Ingabe umuntu osolayo kufanele alwe noMninimandla onke?+Osola uNkulunkulu makaphendule.”+
3 UJobe wayesemphendula uJehova wathi:
4 “Bheka! Ngiyinto engelutho.+Ngizokuphendula ngithini?Isandla sami ngisibeké emlonyeni wami.+
5 Kanye ngikhulumile, futhi ngeke ngiphendule;Nakabili, futhi ngeke nginezele lutho.”
6 UJehova wayesemphendula uJobe esivunguvungwini+ wathi:
7 “Ngicela ubophe izinkalo zakho njengendoda enamandla;+Ngizokubuza, wena ungazise.+
8 Ngempela, uyobenza bube yize yini ubulungisa bami?Uyothi mina ngimubi ukuze wena ube ongenaphutha?+
9 Noma ingabe unengalo efana nekaNkulunkulu weqiniso,+Futhi ungenza yini ukuba kudume ngezwi elinjengelakhe?+
10 Ngicela uvunule ngobukhulu+ nokuphakama;+Futhi kwangathi ungembatha isithunzi+ nobukhazikhazi.+
11 Kudedele kuthululeke ukuqhuma okunokufutheka kwentukuthelo yakho,+Ubone wonke umuntu ozidlayo umehlise.
12 Bona wonke umuntu ozidlayo, umthobise,+Unyathele ababi khona kanye lapho bekhona.
13 Bafihle ndawonye othulini,+Bopha ubuso babo endaweni efihlekile,
14 Futhi mina, yebo mina, ngiyokutusa,Ngoba isandla sakho sokunene singakusindisa.
15 Nangu uBhehemoti engimenzile njengoba nawe ngikwenzile.Udla utshani+ obuluhlaza njengenkunzi.
16 Bheka, amandla akhe asezinqulwini zakhe,Futhi amandla akhe amakhulu+ asemisipheni yesisu sakhe.
17 Ugoba umsila wakhe njengomsedari;Imisipha yethanga lakhe iphothene.
18 Amathambo akhe ayimibhobho yethusi;Amathambo akhe aqinile anjengezinduku zensimbi esetshenziwe.
19 Uwukuqala kwezindlela zikaNkulunkulu;UMenzi+ wakhe angasondeza inkemba yakhe.
20 Ngoba izintaba zimvezela imikhiqizo yazo,+Futhi zonke izilo zasendle zidlala lapho.
21 Ulala ngaphansi kwemithi yentebe enameva,Endaweni ecashile yomhlanga+ nasobhukwini.+
22 Imithi yentebe enameva imgcina esithekile ngethunzi layo;Obhabhulini besigodi sesifufula bayamhaqa.
23 Uma umfula ugubha ngamandla, akabaleki enetwetwe.Unesibindi, ngisho noma iJordani+ lingase lishaye umlomo wakhe ngamandla.
24 Ukhona yini ongamthatha ebhekile?Ukhona yini ongabhoboza ikhala lakhe ngezingibe?