Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

IBhayibheli Elikuyi-Internet | INGUQULO YEZWE ELISHA YEMIBHALO ENGCWELE

Jobe 4:1-21

4  U-Elifazi+ umThemani waphendula wathi:   “Uma umuntu elinga izwi kuwe, ingabe uyodinwa?Kodwa ubani okwaziyo ukubamba amazwi?   Bheka! Uqondise abaningi,+Futhi ubuvame ukuqinisa izandla ezibuthakathaka.+   Noma ubani okhubekayo, amazwi akho ayemvusa;+Namadolo abesephelelwa ngamandla ubuwaqinisa.+   Kodwa manje kufika kuwe, futhi uyadinwa;Kuthinta wena uqobo, futhi uyaphazamiseka.   Ukuhlonipha kwakho uNkulunkulu akukona yini okukwenza ube nethemba?Ithemba lakho alibona yini ubuqotho+ bezindlela zakho?   Siza, ukhumbule: Ubani omsulwa owake washabalala?Futhi kukuphi lapho oqotho+ ake asizilwa khona?   Ngokwalokho engikubonile, labo abaceba okulimazayoNalabo abahlwanyela inkathazo bayovuna kona.+   Ngokuphefumula kukaNkulunkulu bayashabalala,Nangomoya wentukuthelo yakhe bayaphela. 10  Kukhona ukubhonga kwengonyama, nezwi lebhongo lengonyama,Kodwa ayaphuka amazinyo amabhongo ezingonyama anomhlwenga. 11  Ingonyama iyashabalala ngokungabikho kwenyamazane,Namawundlu engonyama ayahlukaniswa elinye kwelinye. 12  Manje izwi lalethwa isinyenyela kimi,Indlebe yami yezwa ukunyenyezwa kwalo,+ 13  Emicabangweni encisha ukuthula evela emibonweni yasebusuku,Lapho abantu behlelwa ubuthongo obukhulu. 14  Ngafikelwa ingebhe, nokuthuthumela,Futhi lagcwalisa amathambo ami amaningi ngengebhe. 15  Kwadlula umoya phezu kobuso bami;Iziboya zenyama yami zasiphuzela. 16  Wama,Kodwa angizange ngikwazi ukubona ukubonakala kwawo;Isimo sasiphambi kwamehlo ami;Kwazola, futhi manje ngezwa izwi: 17  ‘Umuntu ofayo—angaba yini olunge ngaphezu kukaNkulunkulu?Noma indoda enamandla ingaba yini ehlanzeke ngaphezu koMenzi wayo?’ 18  Bheka! Akanalo ukholo ezincekwini zakhe,Nezithunywa zakhe uzimangalela ngokuba nephutha. 19  Kakhulu kangakanani ngalabo abahlala ezindlini zobumba,Abasisekelo sabo sisothulini!+Umuntu ubachoboza masinyane kakhulu kunenundu. 20  Bachotshozwa babe yizicucwana kusukela ekuseni kuze kuhlwe;Bashabalala kuze kube phakade kungekho muntu okufaka enhliziyweni. 21  Intambo yabo yetende engaphakathi kwabo ayizange yini ikhishwe?Bayafa ngenxa yokuntula ukuhlakanipha.

Imibhalo yaphansi