Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

Jobe 37:1-24

37  “Ngempela inhliziyo yami iqala ukuthuthumela+ ngenxa yalokhu,Futhi iyagxuma endaweni yayo.   Lalelani ngokucophelela, nina madoda, ukuduma kwezwi lakhe,+Nokugwavuma okuphuma emlonyeni wakhe.   Uyalidedela ngaphansi kwawo wonke amazulu,Nombani wakhe+ uze ufike emikhawulweni yomhlaba.   Ngemva kwawo kuduma umsindo;Uyaduma+ ngomsindo wokuphakama kwakhe,+Futhi akakugodli lapho izwi lakhe lizwakala.+   UNkulunkulu uyaduma ngezwi lakhe+ ngendlela emangalisayo,Enze izinto ezinkulu esingenakuzazi.+   Ngoba uthi eqhweni, ‘Wela emhlabeni,’+Nasesiwulukuhlwini semvula, yebo esiwulukuhlwini sezimvula zakhe ezinamandla.+   Ubeka uphawu esandleni sawo wonke umuntu wasemhlabeniUkuba wonke umuntu ofayo awazi umsebenzi wakhe.   Isilo sasendle singena endaweni yokuqamekela,Futhi sihlala endaweni yaso yokucasha.+   Ekamelweni elingaphakathi+ kuphuma isivunguvunguNakuyo imimoya yasenyakatho amakhaza.+ 10  Ngokuphefumula kukaNkulunkulu iqhwa liyakhishwa+Nobubanzi bamanzi buyabanjwa.+ 11  Yebo, uthwesa ifu umswakama,Ukukhanya kwakhe+ kuhlakaza ungqimba lwefu, 12  Futhi luyaphendulwa nxazonke ngokuwaqondisa kwakhe ukuze enze umsebenzi wawoNomaphi lapho ewayala+ khona phezu kobuso bezwe elikhiqizayo lomhlaba. 13  Kungakhathaliseki ukuthi kungenxa yenduku+ noma ngenxa yezwe lakhe+Noma ngenxa yomusa wothando,+ wenza liveze imiphumela. 14  O Jobe, beka indlebe kulokhu;Yima futhi unake imisebenzi emangalisayo kaNkulunkulu.+ 15  Uyazi yini ukuthi uNkulunkulu wayimisela nini isikhathi,+Nokuthi wenza nini ukuba ukukhanya kwefu lakhe kukhanye? 16  Uyazi yini ngokuma kwefu emoyeni,+Imisebenzi emangalisayo yaLowo ophelele ngolwazi?+ 17  Ukuthi kwenzeka kanjani ukuba izingubo zakho zishiseLapho umhlaba uzola eningizimu?+ 18  Ungasicangcatha yini kanye naye isibhakabhaka+Sibe lukhuni njengesibuko esincibilikisiwe? 19  Masikwazi esizokusho kuye;Asinakuwakhipha amazwi ngenxa yobumnyama. 20  Ingabe kufanele kushiwo yini kuye ukuthi ngizokhuluma?Noma ukhona yini umuntu osho okuthile ukuze kuxoxwe ngakho?+ 21  Manje abakuboni ngempela ukukhanya;Kuyakhazimula esibhakabhakeni,Lapho umoya ngokwawo usudlulile futhi wasihlanza. 22  Enyakatho kuvela ubukhazikhazi obusagolide.Isithunzi phezu kukaNkulunkulu+ siyesabeka. 23  Kepha uMninimandla onke, asikamtholi;+Uphakeme ngamandla,+Futhi ubulungisa+ nokuchichima kokulunga+ ngeke akululaze.+ 24  Ngakho-ke abantu mabamesabe.+Noma yibaphi abahlakaniphile enhliziyweni yabo siqu akabanaki.”+

Imibhalo yaphansi