Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

Jobe 35:1-16

35  U-Elihu waqhubeka ephendula wathi:   “Ingabe yilokhu okubheke njengobulungisa?Uthé, ‘Ukulunga kwami kungaphezu kokukaNkulunkulu.’+   Ngoba uthi, ‘Kunalusizo luni kuwe?+Nginanzuzoni ngaphezu kokona kwami?’+   Mina ngokwami ngizokuphendulaNgiphendule nabangane+ bakho abakanye nawe.   Bheka phezulu ezulwini+ ubone,Futhi ubone amafu,+ ukuthi ngempela aphakeme kunawe.   Uma empeleni wona, ufezani ngokumelene naye?+Futhi uma ukuvukela kwakho kwanda, wenzani kuye?   Uma ngempela ungenaphutha, umnikani,Noma yini ayamukelayo esandleni sakho?+   Ububi bakho ungabenza kumuntu onjengawe,+Nokulunga kwakho endodaneni yomuntu wasemhlabeni.+   Ngenxa yobuningi bokucindezelwa baqhubeka bekhalela usizo;+Baqhubeka bekhalela usizo ngenxa yengalo yabakhulu.+ 10  Nokho akukho muntu othé, ‘Uphi uNkulunkulu uMenzi wami Omkhulu,+Onika amahubo ebusuku?’+ 11  NguYe osifundisa+ ngaphezu kwezilwane zomhlaba,+Futhi usenza sihlakaniphe ngisho nangaphezu kwezidalwa ezindizayo zamazulu. 12  Lapho bayamemeza, kodwa akaphenduli,+Ngenxa yokuziqhenya+ kwababi. 13  Yilokho okungelona iqiniso kuphela uNkulunkulu angakuzwa,+Futhi uMninimandla onke akakuboni.+ 14  Kangakanani-ke lapho uthi awumboni!+Icala lomthetho liphambi kwakhe, ngakho kufanele umlinde ngokulangazela.+ 15  Manje ngenxa yokuthi intukuthelo yakhe ayizange ifune ukuba kulandiswe,+Akazange futhi akunake ukuphahluka okwedlulele.+ 16  UJobe ngokwakhe uwuvula kakhulu umlomo wakhe ngeze nje;Wandisa amazwi+ nje engenalwazi.”

Imibhalo yaphansi