Jobe 32:1-22
32 Ngakho la madoda amathathu ayeka ukuphendula uJobe, ngoba wayezibona elungile.+
2 Kodwa intukuthelo ka-Elihu indodana kaBharakeli umBuzi+ womndeni kaRamu yavutha. Intukuthelo yakhe yavuthela uJobe ngenxa yokuba ethé umphefumulo wakhe ulungile kunokuba athi nguNkulunkulu olungile.+
3 Futhi, intukuthelo yakhe yavuthela nabangane bakhe abathathu ngenxa yokuthi babengayitholanga impendulo kodwa bathi uNkulunkulu mubi.+
4 U-Elihu wayelinde uJobe namazwi, ngoba babebadala kunaye ngezinsuku.+
5 Kancane kancane u-Elihu wabona ukuthi yayingekho impendulo emlonyeni+ wala madoda amathathu, intukuthelo yavutha ngokwengeziwe.
6 U-Elihu indodana kaBharakeli umBuzi waphendula wathi:
“Ngimncane ngezinsukuFuthi nina madoda nibadala.+Yingakho ngizibambile futhi ngesabileUkumemezela ulwazi lwami kini madoda.
7 Ngithé, ‘Izinsuku ngokwazo kufanele zikhulume,Futhi ngubuningi beminyaka okufanele benze ukuhlakanipha kwaziwe.’+
8 Ngokuqinisekile, ngumoya okumuntu ofayoNokuphefumula koMninimandla onke okubanika ukuqonda.+
9 Akubona nje labo abanezinsuku eziningi ababa abahlakaniphile,+Noma labo abadala nje abaqonda ukwahlulela.+
10 Ngakho-ke ngithé, ‘Ngilaleleni.Ngizomemezela ulwazi lwami, yebo mina.’
11 Bhekani! Ngiwalindile amazwi enu nina madoda,Bengilokhu ngiyilalele imicabango yenu,+Kuze kube yilapho seniwafuna amazwi enizowasho.
12 Bengilokhu nginilalele,Futhi bheka akekho osola uJobe,Akekho noyedwa kini ophendula amazwi akhe,
13 Ukuze ningasho ukuthi, ‘Sikutholile ukuhlakanipha;+NguNkulunkulu omxoshayo, akuyena umuntu.’
14 Njengoba engazange ahlele amazwi okungiphikisa,Ngakho ngeke ngimphendule ngamazwi enu nina madoda.
15 Basatshiswé kakhulu, ababange besaphendula;Amazwi asukile kubo.
16 Futhi ngilindile, ngoba abasaqhubeki bekhuluma;Ngoba bamile, ababange besaphendula.
17 Ngizonikeza ingxenye yami ngiphendula, mina lo;Ngizomemezela ulwazi lwami, mina lo;
18 Ngoba ngigcwele amazwi;Umoya ungicindezele+ esiswini sami.
19 Bheka! Isisu sami sinjengewayini elingenayo indawo yokukhipha umoya;Njengamagabha amasha esikhumba sifuna ukuqhuma.+
20 Mangikhulume ukuze ngithole impumuzo.Ngizozivula izindebe zami ukuze ngiphendule.+
21 Ngisize ngingabonisi ukukhetha umuntu;+Futhi ngeke nginike umuntu wasemhlabeni isiqu;+
22 Ngoba ngokuqinisekile angazi ukuthi ngingamnika kanjani isiqu;UMenzi+ wami ubeyomuka nami kalula.