Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

IBhayibheli Elikuyi-Internet | INGUQULO YEZWE ELISHA YEMIBHALO ENGCWELE

Jobe 29:1-25

29  UJobe waphinda futhi waphakamisa inkulumo yakhe eyisaga waqhubeka wathi:   “O ukube benginjengasezinyangeni zakudala,+Njengasezinsukwini lapho uNkulunkulu ayengiqapha;+   Lapho ayenza isibani sakhe sikhanye phezu kwekhanda lami,Lapho ngangihamba ngidabule ebumnyameni ngokukhanya kwakhe;+   Njengoba nje nganginjalo ezinsukwini zobungqabavu bami,+Lapho ukusondelana noNkulunkulu kwakusetendeni lami;+   Lapho uMninimandla onke ayesenami,Lapho izikhonzi zami zonke zazingizungezile!   Lapho ngangigeza izinyathelo zami ngebhotela,Nedwala liqhubeka lingithululela imifudlana yamafutha;+   Lapho ngiya esangweni ngasemzaneni,+Ngangilungisa isihlalo sami esigcawini!+   Abafana babengibona bazifihle,Futhi ngisho nasebebadala babesukuma, babema.+   Izikhulu ngokwazo zazibamba amazwi,Futhi zazibeka intende yesandla emilonyeni yazo.+ 10  Izwi labaholi ngokwabo lalifihliwe,Nolimi lwabo lwalunamathela olwangeni lwabo.+ 11  Ngoba indlebe ngokwayo yayilalela futhi ithi ngiyajabula,Neso imbala lalibona futhi lifakaze ngami. 12  Ngoba ngangimophula ohluphekile okhalayo ecela usizo,+Nentandane nanoma ngubani owayengenamsizi.+ 13  Isibusiso+ salowo owayesezoshabalala—sasehlela phezu kwami,Futhi inhliziyo yomfelokazi ngangiyenza ithokoze.+ 14  Ngangizembathisa ukulunga, futhi kwakungembathisa.+Ubulungisa bami babunjengejazi elingenamikhono—nomshuqulo. 15  Ngangingamehlo oyimpumputhe;+Ngiyizinyawo kolunyonga. 16  Ngangiwubaba wangempela kwabampofu;+Futhi icala lomthetho lomuntu engingamazi—ngangilihlola.+ 17  Ngangiwaphula amathambo omhlathi omenzi wobubi,+Futhi ngangiyihluthula inyamazane emazinyweni akhe. 18  Ngangivame ukuthi, ‘Ngiyophangalalela esidlekeni sami,+Futhi ngiyozandisa izinsuku zami zibe ngangesihlabathi.+ 19  Impande yami ivulekele amanzi,+Futhi amazolo ngokwawo ayohlala ubusuku bonke phezu kwegatsha lami. 20  Inkazimulo yami yintsha kimi,Futhi umnsalo wami esandleni sami uyocibishela ngokuphindaphindiwe.’ 21  Babengilalela; futhi bengilinda,Futhi babethula ukuze bezwe iseluleko sami.+ 22  Ngemva kwezwi lami babengaphindi bakhulume,Futhi izwi lami laliconsela phezu kwabo.+ 23  Babengilinda njengokulinda imvula,+Nomlomo wabo babewuvula kakhulu bewuvulela imvula yasentwasahlobo.+ 24  Ngangibamomothekela—babengakholwa—Futhi ukukhanya kobuso+ bami babengakufiphazi. 25  Ngangibakhethela indlela, futhi ngangihlala njengenhloko;Ngangihlala njengenkosi phakathi kwamaviyo ayo,+Njengoduduza abalilayo.+

Imibhalo yaphansi