Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

IBhayibheli Elikuyi-Internet | INGUQULO YEZWE ELISHA YEMIBHALO ENGCWELE

Jobe 28:1-28

28  “Ngempela, kukhona indawo isiliva elitholakala kuyoNendawo yegolide abalicwengayo;+   Insimbi ngokwayo ithathwa khona kanye othulini+Nethusi lithululwa livela etsheni.   Ubeké umkhawulo wobumnyama;Futhi kuyo yonke imikhawulo ufuna+Itshe esigayegayeni nasethunzini elimnyama.   Umbe umgodi kude nalapho abantu begogobele khona,+Ezindaweni ezilibalekile kude nonyawo;Abanye kubantu abafayo bashwibekele phansi, balengile.   Kepha umhlaba, kuphuma kuwo ukudla;+Kodwa ngaphansi kwawo, ugumbuqelwe njengokungathi ngomlilo.   Amatshe awo ayindawo yesafire,+Futhi unothuli lwegolide.   Indlela—inyoni edla inyama+ ayiyazanga,Neso likanhloyile+ aliyibonanga.   Izilo zasendle ezibabazekayo azizange ziyinyathele ngokuphelele;Ibhongo lengonyama alizange lihambe phezu kwayo.   Welulele isandla sakhe phezu kwensengetsha;Ugumbuqele izintaba ezisusa nasempandeni yazo; 10  Imigodi egcwele amanzi uyiqondise emadwaleni,+Futhi iso lakhe libonile zonke izinto eziyigugu. 11  Uzivimbile izindawo imifula econse ivela kuzo,+Futhi into efihlekile uyiletha ekukhanyeni. 12  Kodwa ukuhlakanipha—kungatholakalaphi,+Futhi ikuphi, manje, indawo yokuqonda? 13  Umuntu ofayo akazange alazi inani lako,+Futhi akutholakali ezweni lalabo abaphilayo. 14  Utwa lwamanzi ngokwalo luthé,‘Akukho kimi!’Ulwandle nalo luthe, ‘Akukho kimi!+ 15  Ngeke kwenanwe ngegolide elimsulwa,+Nesiliva ngeke likalwe njengenani lako. 16  Ngeke kukhokhelwe ngegolide lase-Ofiri,+Ngetshe le-onikisi eliyivelakancane nangesafire. 17  Igolide nengilazi ngeke kuqhathaniswe nako,Noma kwenanwe nganoma yisiphi isitsha segolide elicwengiwe. 18  Ikorali+ nekristalu eliyitshe ngeke kukhulunywe ngako,Kodwa isikhwama esigcwele ukuhlakanipha sibiza ukwedlula esigcwele amapharele.+ 19  Itopazi+ laseKushe ngeke liqhathaniswe nako;Futhi ngeke kukhokhelwe ngisho nangegolide ebumsulweni balo. 20  Kodwa ukuhlakanipha ngokwako—kuvelaphi,+Futhi manje, ikuphi indawo yokuqonda? 21  Kufihlekile ngisho nasemehlweni awo wonke umuntu ophilayo,+Nasezidalweni ezindizayo zamazulu kusitheziwe. 22  Ukubhubha nokufa ngokwakho kuthé,‘Siwuzwile umbiko ngako ngezindlebe zethu.’ 23  UNkulunkulu nguYe oyiqondile indlela yako,+Futhi yena uyazile indawo yako, 24  Ngoba yena ubheka khona kanye emikhawulweni yomhlaba;+Ubona ngaphansi kwawo wonke amazulu, 25  Ukuze enzele umoya isisindo,+Kuyilapho amanzi ewalinganise ngesilinganiso;+ 26  Lapho enzela imvula isiqondiso,+Futhi enzela ifu lesiphepho esinokuduma indlela, 27  Khona-ke wabona ukuhlakanipha wakhuluma ngako;Wakulungisa futhi wakuhlolisisa. 28  Waqhubeka wathi kumuntu,‘Bheka! Ukumesaba uJehova—lokho ngukuhlakanipha,+Nokubalekela okubi kuwukuqonda.’”+

Imibhalo yaphansi