Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

Jobe 26:1-14

26  UJobe waphendula wathi:   “Yeka ukuthi nibe usizo olungakanani kongenamandla!Yeka ukuthi niyisindise kanjani ingalo engenazikhwepha!+   Yeka ukuthi nimeluleke kangakanani ongenakho ukuhlakanipha,+Futhi nenza ukuhlakanipha okusebenzayo kwaziwa ngabaningi!   Ubani enimtshele amazwi,Futhi ukuphefumula kukabani okuvele kini?   Labo abangenamandla ekufeni bahlala bethuthumelaNgaphansi kwamanzi nalabo abahlala kuwo.+   IShiyoli lihamba-ze phambi kwakhe,+Nendawo yokubhubha ayinaso isembatho.   Welulela inyakatho endaweni engenalutho,+Alengise umhlaba phezu kweze;   Asonge amanzi emafwini akhe,+Kangangokuthi ungqimba lwamafu aluqhekeki ngaphansi kwawo;   Ahaqe ubuso besihlalo sobukhosi,Elulele ifu lakhe ngaphezu kwaso.+ 10  Umisé isiyingi ngaphezu kobuso bamanzi,+Kuze kube yilapho ukukhanya kuphelela khona ebumnyameni. 11  Izinsika zezulu ziyanyakaza,Futhi ziyamangala ngenxa yokukhuza kwakhe. 12  Unyakazise ulwandle ngamandla akhe,+Nangokuqonda kwakhe uphihlize umhlaseli+ waba yizicucu.+ 13  Ngomoya wakhe uphucuze izulu ngokwalo,+Isandla sakhe sihlabe inyoka eshibilikayo.+ 14  Bheka! Lawa amaphethelo ezindlela zakhe,+Futhi yeka ukuthi okuzwakele ngaye kuwumnyenyezo omncane kangakanani wendaba!Kodwa ubani ongabonisa ukukuqonda ukuduma kwakhe okunamandla?”+

Imibhalo yaphansi