Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

IBhayibheli Elikuyi-Internet | INGUQULO YEZWE ELISHA YEMIBHALO ENGCWELE

Jobe 23:1-17

23  UJobe waphendula wathi:   “Ngisho nanamuhla isimo sami sokukhathazeka+ siwukudlubulunda;Isandla sami siyasinda ngenxa yokububula kwami.   O ukube bengazi ngempela ukuthi ngingamtholaphi!+Bengiyoze ngifike endaweni yakhe emisiwe.+   Bengiyokwethula phambi kwakhe icala lobulungisa,Futhi umlomo wami bengiyowugcwalisa ngamazwi okuphikisa;   Bengiyowazi amazwi angiphendula ngawo,Futhi bengiyokucabangela lokho akushoyo kimi.+   Ingabe ngokuchichima kwamandla ubeyolwisana nami?Lutho! Ngokuqinisekile yena ngokwakhe ubeyongilalela.+   Ngokuqinisekile oqotho uyoqondisa izindaba naye lapho,Futhi bengiyosuka kumahluleli wami ngiphephile kuze kube phakade.   Bheka! Ngiya empumalanga, akekho lapho;Ngiphinde ngibuyele emuva, angimboni;+   Ngiya kwesobunxele lapho esebenza khona, kodwa angimboni;Uphendukela kwesokunene, kodwa angimboni. 10  Ngoba uyazi kahle indlela engiyithathayo.+Ngemva kokuba esengivivinyile, ngiyophuma nginjengegolide uqobo.+ 11  Izinyawo zami zibambé izinyathelo zakhe;Ngiyigcinile indlela yakhe, futhi angiphambuki.+ 12  Angigudluki emyalweni wezindebe zakhe.+Amazwi omlomo wakhe ngiwalondé+ ngaphezu kwalokho engikuyaleziwe. 13  Unomqondo munye, ubani ongamelana naye?+Umphefumulo wakhe unesifiso, futhi uyosenza.+ 14  Ngoba uyokufeza ngokuphelele engikuyaleziwe,+Futhi izinto ezinjengalezi ziningi kuye. 15  Yingakho ngizizwa ngiphazamisekile ngenxa yakhe;Ngizibonisa ngingonakayo futhi nginengebhe ngaye.+ 16  Ngisho noNkulunkulu ngokwakhe wenzé inhliziyo yami yaba novalo,+Futhi uMninimandla onke ngokwakhe ungiphazamisile.+ 17  Ngoba angithuliswanga ngubumnyama,Noma ukuthi isigayegaye simboze ubuso bami.

Imibhalo yaphansi