Jobe 20:1-29
20 USofari umNahama waphendula wathi:
2 “Ngakho imicabango yami engincisha ukuthula iyangiphendula,Yebo nangenxa yevuso lami elingaphakathi.
3 Ngizwa isikhuthazo esingihlambalazayo;Nomoya ongenakho ukuqonda enginakho uyangiphendula.
4 Ubulokhu uyazi yini yona le nto,Kusukela umuntu abekwa phezu komhlaba,+
5 Ukuthi ukukhamuluka kwenjabulo kwabantu ababi kufushane+Nokujabula kwesihlubuki kungokomzuzwana?
6 Nakuba ukuhlonipheka kwakhe kunyukela ezulwini uqobo+Nekhanda lakhe lifinyelela emafwini,
7 Ushabalala kuze kube phakade njengomquba wakhe;+Abambonayo bayothi, ‘Uphi?’+
8 Njengephupho uyondiza amuke, ngeke bamthole;Futhi uyoxoshwa njengombono wasebusuku.+
9 Iso elimbonile ngeke liphinde limbone,+Nendawo yakhe ngeke iphinde imbone.+
10 Amadodana akhe ayofuna umusa kubantu abaphansi,Nezandla zakhe ziyobuyisela izinto zakhe zenani elikhulu.+
11 Amathambo akhe abegcwele ubungqabavu bobusha bakhe,Kodwa buyolala naye othulini nje.+
12 Uma okubi kunambitheka kamnandi emlonyeni wakhe,Uma ekuncibilikisa ngaphansi kolimi lwakhe,
13 Uma enobubele kukho futhi engakushiyi,Futhi uma eqhubeka ekugodla olwangeni lwakhe,
14 Ukudla kwakhe ngokuqinisekile kuyoshintshwa emathunjini akhe;Kuyoba inyongo yezimfezi ngaphakathi kuye.
15 Uwugwinyile umcebo, kodwa uyowuhlanza;UNkulunkulu uyomenza awugonyuluke esiswini sakhe.
16 Uyomunca isihlungu sezimfezi;Uyobulawa ulimi lwenyoka enesihlungu.+
17 Akasoze ayibona imisele yamanzi,+Imifudlana enjengezifufula yoju nebhotela.
18 Uyobe ebuyisela impahla yakhe abeyizuzile futhi ngeke ayigwinye;Njengomcebo ovela ekuhwebeni kwakhe, kodwa angeke awujabulele.+
19 Ngoba uchobozile kwaba izicucwana, ubashiyile abampofu;Uhlwithé indlu angazange ayakhe.+
20 Ngoba ngokuqinisekile ngeke akwazi ukukhululeka esiswini sakhe;Ngeke aphunyuke ngezinto zakhe ezifiselekayo.+
21 Akukho lutho olumsalele lokulushwabadela;Yingakho inhlalakahle yakhe ingeke ihlale njalo.
22 Uyozizwa ekhathazekile inala yakhe ibe ichichima;+Wonke amandla eshwa ayomehlela.
23 Ukuze agcwalise isisu sakhe,Makathumele intukuthelo yakhe evuthayo phezu kwakhe+Ayinisele phezu kwakhe, ingene ezibilinini zakhe.
24 Uyoyibalekela+ imvunulo yempi eyenziwe ngensimbi;Umnsalo wethusi uyomdebeza.
25 Umcibisholo uyodabula uphumele ngisho nangale komhlane wakhe,Nesikhali esibenyezelayo siyodabula enyongweni yakhe;+Izinto ezithusayo ziyomelana naye.+
26 Bonke ubumnyama buyogcinelwa izinto zakhe azazisayo;Umlilo ongavuthelwanga muntu uyomudla umqede;+Kuyomhambela kabi osele etendeni lakhe.
27 Izulu liyosembula isiphambeko sakhe,+Nomhlaba uyomvukela.
28 Isihlambi esinamandla siyogingqa indlu yakhe;Kuyoba nezinto eziyothululwa ngosuku lwentukuthelo yakhe.+
29 Yilesi isabelo somuntu omubi esivela kuNkulunkulu,+Yebo ifa lakhe elishiwo elivela kuNkulunkulu.”