Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

IBhayibheli Elikuyi-Internet | INGUQULO YEZWE ELISHA YEMIBHALO ENGCWELE

Jobe 18:1-21

18  UBhilidadi umShuhi waphendula wathi:   “Kuyoze kube nini niqede amazwi?Kufanele niqonde, ukuze kamuva sikhulume.   Kungani kufanele sibhekwe njengezilwane+Futhi sibhekwe njengabangcolile emehlweni enu?   Udwengula umphefumulo wakhe ngentukuthelo yakhe.Ingabe umhlaba uyoshiywa ngenxa yakho,Noma idwala liyogudluka endaweni yalo?   Ukukhanya kwababi nakho kuyocima+Nenhlansi yomlilo wakhe ngeke ikhanye.   Ngokuqinisekile ukukhanya kuyofiphala etendeni lakhe,+Futhi isibani sakhe siyocima kulo.   Izinyathelo zakhe zobungqabavu ziyothothana.Ngisho neseluleko sakhe siyomlahla.+   Ngoba izinyawo zakhe ziyomyeka impela angene enetheni,Futhi uyohamba phezu kokunjengenetha.+   Isicupho siyombamba ngesithende;+Ugibe+ lulokhu lumbambile. 10  Ufihlelwe intambo emhlabathini,Nesihibe endleleni yakhe. 11  Nxazonke, izinto ezesabisayo ezingazelelwe ngokuqinisekile zimenza agxume ngokwethuka,+Futhi zimjoja eduze. 12  Ubungqabavu bakhe buyaphela,Nenhlekelele+ ima ilungele ukumenza axhuge. 13  Iyodla izicucu zesikhumba sakhe;Izibulo lokufa liyodla amalunga akhe. 14  Lokho athembele kukho kuyosuswa ngenkani etendeni lakhe+Futhi kuyomyisa enkosini yezinto ezesabisa kakhulu. 15  Etendeni lakhe kuyohlala okungekhona okwakhe;Kuyovuvuzelwa isibabule+ phezu kwendawo yakhe yokuhlala. 16  Zona kanye izimpande zakhe ziyokoma ngaphansi,+Futhi, ngaphezulu, igatsha lakhe liyobuna. 17  Ukukhuluma ngaye ngokuqinisekile kuyoshabalala emhlabeni,+Futhi ngeke abe nagama ngaphandle esitaladini. 18  Bayomsunduza bamkhiphe ekukhanyeni angene ebumnyameni,Bamxoshe ezweni elikhiqizayo. 19  Ngeke abe nasizukulwane nanzalo phakathi kwabantu bakubo,+Futhi ngeke asalelwe muntu endaweni yakhe yobufokazi. 20  Abantu baseNtshonalanga bayolugqolozela impela usuku lwakhe bemangele,Futhi ukuqhaqhazela ngokuqinisekile kuyobamba ngisho nabantu baseMpumalanga. 21  Yilawa kuphela amatabernakele omenzi wobubi,Futhi yile indawo yomuntu ongazange amazi uNkulunkulu.”

Imibhalo yaphansi