Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

IBhayibheli Elikuyi-Internet | INGUQULO YEZWE ELISHA YEMIBHALO ENGCWELE

Jobe 17:1-16

17  “Umoya wami waphukile,+ izinsuku zami zicinyiwe;Indawo yami isemathuneni.+   Ngokuqinisekile ngenziwa inhlekisa,+Futhi iso lami lihlala phakathi nokuziphatha kwabo kokudlubulunda.   Siza, beka isibambiso sami kuwe.+Ngubani omunye ozoxhawulana+ nami njengesiqinisekiso?   Ngoba inhliziyo yabo uyivalile ukuba ingaqondi.+Yingakho ungabaphakamisi.   Angabatshela abangane ukuba bathathe izabelo zabo,Kodwa amehlo amadodana akhe ayofiphala.+   Futhi ungibeké njengesisho esiyisaga+ sezizwe,Kangangokuba ngiba umuntu wokukhafulelwa ebusweni.+   Futhi iso lami liyaqundeka ngenxa yokukhathazeka+Futhi wonke amalungu ami anjengethunzi.   Abantu abaqotho bayakugqolozela lokhu bemangele,Ngisho nomsulwa uvukwa intukuthelo ngenxa yesihlubuki.   Olungile ulokhu ebambelele ngokuqinile endleleni yakhe,+Nonezandla ezihlanzekile+ ulokhu anda ngezikhwepha.+ 10  Nokho, kwangathi nonke nina madoda ningaqala kabusha. Ngakho, sizani, niqale,Njengoba ngingatholi muntu ohlakaniphile phakathi kwenu.+ 11  Izinsuku zami zidlulile,+ amacebo ami abhidlikile,+Izifiso zenhliziyo yami. 12  Kulokhu kumiswa ubusuku esikhundleni semini:+‘Ukukhanya kuseduze ngenxa yobumnyama.’ 13  Uma ngilokhu ngilindile, iShiyoli liyindlu yami;+Kuyomelwe ngendlale umbhede wami ebumnyameni.+ 14  Kuyomelwe ngimemeze igodi+ ngithi, ‘Ungubaba!’Empethwini+ ngithi, ‘Ungumama nodadewethu!’ 15  Khona-ke, likuphi ithemba lami?+Futhi ithemba lami—ubani olibonayo? 16  Ayokwehlela emigoqweni yeShiyoli,Lapho thina, sonke kanyekanye, sehlela khona kanye othulini.”+

Imibhalo yaphansi