Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

IBhayibheli Elikuyi-Internet | INGUQULO YEZWE ELISHA YEMIBHALO ENGCWELE

Jobe 14:1-22

14  “Umuntu, ozalwa owesifazane,+Uphila isikhashana+ futhi ugcwele ukuyaluza.+   Uyavela njengembali anqunywe,+Uyabaleka njengesithunzi+ futhi akahlali ekhona.   Yebo, phezu kwakhe lona uvulé iso lakho,Mina ungiletha ekwahlulelweni+ kanye nawe.   Ubani ongaveza ohlanzekile kongcolileyo?+Akekho noyedwa.   Uma izinsuku zakhe zinqunywa,+Isibalo sezinyanga zakhe sikuwe;Umenzele isinqumo ukuze angeqeli ngalé.   Susa amehlo akho kuye ukuze aphumule,+Kuze kube yilapho ejabula ngosuku lwakhe njengoba kwenza isisebenzi esiqashiwe.   Ngoba kukhona ithemba ngisho nangomuthi.Uma ugawulwa, uyohluma nokuhluma futhi,+Futhi ihlumela lawo liyohlale likhona.   Uma impande yawo iguga emhlabathiniNesiphunzi sawo sifa othulini,   Ngephunga lamanzi uyohluma+Futhi ngokuqinisekile uyoveza igatsha njengesitshalo esisha.+ 10  Kodwa indoda enamandla iyafa idindilize inqotshiwe;Nomuntu wasemhlabeni uyaphangalala, abe kuphi?+ 11  Amanzi ayanyamalala olwandle,Nomfula ngokwawo usha uphele futhi wome.+ 12  Umuntu naye kumelwe alale, futhi akavuki.+Ngeke baphaphame lize lingabikho izulu,+Futhi ngeke bavuswe ebuthongweni babo.+ 13  O ukube ubungangithukusa eShiyoli,+Ukube ubungangigcina ngisithekile kuze kunqamuke intukuthelo yakho,Ukube ubungangilinganisela isikhathi+ futhi ungikhumbule!+ 14  Uma indoda enamandla ifa ingabuye iphile futhi?+Ngiyolinda zonke izinsuku zomsebenzi wami oyimpoqo,+Kuze kufike impumuzo yami.+ 15  Uyobiza, futhi mina ngiyokuphendula.+Uyolangazelela umsebenzi wezandla zakho. 16  Ngoba ulokhu uzibala zona kanye izinyathelo zami;+Awubheki lutho ngaphandle kwesono sami.+ 17  Ukuvukela kwami kuvalelwe esikhwameni,+Futhi ufaka ingcina phezu kwesiphambeko sami. 18  Nokho, nentaba uqobo, ewayo, iyophela,Ngisho nedwala liyogudlulelwa kude nendawo yalo. 19  Ngokuqinisekile amanzi akhuhla ngisho namatshe;Ukuthululeka kwawo kukhukhula uthuli lomhlaba.Kanjalo ubhubhisé lona kanye ithemba lomuntu ofayo. 20  Uyamhlula kuze kube phakade kangangokuba uyahamba;+Wonakalisa isimo sobuso bakhe ukuze ummukise. 21  Amadodana akhe ayadunyiswa, kodwa yena akakwazi lokho;+Futhi aba angelutho, kodwa akawacabangi. 22  Yinyama yakhe kuphela lapho isekuye eyoqhubeka iqaqamba,Nomphefumulo wakhe lapho usekuye oyoqhubeka ulila.”

Imibhalo yaphansi