Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

IBhayibheli Elikuyi-Internet | INGUQULO YEZWE ELISHA YEMIBHALO ENGCWELE

Jobe 12:1-25

12  UJobe waphendula wathi:   “Ngempela nina madoda yinina abantu,Futhi ukuhlakanipha kuyofa nani!+   Nami nginenhliziyo+ njengani.Angingaphansi kwenu,+Futhi ubani ezingekho kuye izinto ezinjengalezi?   Ngiba umuntu oyinhlekisa kumuntu wakubo,+Obiza uNkulunkulu ukuba amphendule.+Olungile, ongenakusoleka uyinhlekisa.   Ngokucabanga, ongenazinkathazo wedelela ukushabalala uqobo;+Kulungiselwe labo abanezinyawo ezixegezelayo.+   Amatende abaphangi awakhathazekile,+Futhi labo abenza uNkulunkulu afutheke banokuphephaKwalowo oza ephethe unkulunkulu ngesandla sakhe.+   Nokho, ngiyacela, buza izilwane ezifuywayo, zizokufundisa;+Nezidalwa ezinamaphiko zamazulu, zizokutshela.+   Noma ukhathalele umhlaba, uzokufundisa;+Nezinhlanzi zolwandle+ zizokumemezela kuwe.   Yikuphi phakathi kwakho konke lokhu okungazi kahleUkuthi isandla sikaJehova uqobo sikwenzile lokhu,+ 10  Osesandleni sakhe umphefumulo+ wakho konke okuphilayoNomoya wayo yonke inyama yomuntu?+ 11  Indlebe ayiwavivinyi yini amazwi+Njengoba ulwanga+ lunambitha ukudla? 12  Akukho yini ukuhlakanipha kulabo asebebadala+Nokuqonda ebudeni bezinsuku? 13  Kuye, kukhona ukuhlakanipha namandla;+Uneseluleko nokuqonda.+ 14  Bheka! Uyadiliza, kungabe kusakhiwa;+Ukuvalela umuntu, kungabe kusavulwa.+ 15  Bheka! Uyawavimbela amanzi futhi ayoma;+Uyawathumela, futhi ashintsha umhlaba.+ 16  Kuye kunamandla nokuhlakanipha okusebenzayo;+Owenza iphutha nodukisayo bangabakhe;+ 17  Wenza abeluleki bahambe bengafake zicathulo,+Futhi wenza abahluleli imbala basangane. 18  Empeleni uthukulula izibopho zamakhosi,+Abophe ibhande ezinqulwini zawo. 19  Wenza abapristi bahambe bengafaké zicathulo,+Nabahlezi phakade uyabaketula;+ 20  Ususa inkulumo kwabathembekileyo,Nokuba nengqondo kwamaxhegu uyakususa; 21  Uthulula ukwedelela phezu kwezicukuthwane,+Futhi ibhande labanamandla empeleni ulenza libe buthaka; 22  Wembula izinto ezijulile ebumnyameni,+Futhi uletha ekukhanyeni ithunzi elimnyama; 23  Enze izizwe zikhule zibe zinkulu, ukuze azibhubhise;+Asakaze izizwe, ukuze azihole azimukise; 24  Asuse inhliziyo yabayizinhloko zabantu bezwe,Ukuze abenze bazulazule endaweni engenalutho,+ lapho kungenandlela khona. 25  Baphumputha ebumnyameni,+ lapho kungenakukhanya khona,Abenze bazulazule njengomuntu odakiwe.+

Imibhalo yaphansi