Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

IBhayibheli Elikuyi-Internet | INGUQULO YEZWE ELISHA YEMIBHALO ENGCWELE

Jakobe 4:1-17

4  Zivelaphi izimpi futhi kuvelaphi ukulwa phakathi kwenu? Ingabe akuveli kulokhu,+ okungukuthi, ekunxaneleni kwenu ukujabulisa inkanuko elwa emalungwini enu?+  Niyafisa, kodwa nokho anibi nakho. Niyaqhubeka nibulala+ futhi nikhanuka,+ kodwa nokho anikwazi ukuthola. Niyaqhubeka nilwa+ futhi nihlaselana. Aninakho ngenxa yokuthi aniceli.  Niyacela, kodwa nokho anamukeli, ngoba nicela ngenjongo embi,+ ukuze nikusebenzise ekunxaneleni kwenu ukwanelisa inkanuko.+  Ziphingi,+ anazi yini ukuthi ubungane nezwe bungubutha noNkulunkulu?+ Ngakho-ke, noma ubani ofuna ukuba umngane+ wezwe uzenza isitha sikaNkulunkulu.+  Noma ingabe nibona sengathi umbhalo usho ngokungenanjongo ukuthi: “Ukulangazela komoya+ ongaphakathi kithi kuqhubeka kuthambekele emoneni”?  Nokho, umusa ongafanelwe aphana ngawo mkhulu kunakho.+ Ngakho umbhalo uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo,+ kodwa abathobekile ubapha umusa ongafanelwe.”+  Ngakho-ke, zithobeni+ kuNkulunkulu; kodwa melanani noDeveli+ khona-ke uyonibalekela.+  Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.+ Hlanzani izandla zenu, nina zoni,+ futhi nihlanze izinhliziyo zenu,+ nina enimanqikanqika.+  Yibani lusizi, nilile futhi nikhale.+ Ukuhleka kwenu makuphenduke ukulila, nenjabulo yenu ibe ukudangala.+ 10  Zithobeni emehlweni kaJehova,+ khona-ke uyoniphakamisa.+ 11  Yekani ukukhuluma kabi ngomunye nomunye, bazalwane.+ Lowo okhuluma kabi ngomfowabo noma owahlulela+ umfowabo ukhuluma kabi ngomthetho futhi wahlulela umthetho. Manje uma wahlulela umthetho, awuyena umenzi womthetho, kodwa ungumahluleli.+ 12  Munye ongumniki-mthetho nomahluleli,+ lowo okwaziyo ukusindisa nokubhubhisa.+ Kodwa wena, ungubani ukuba wahlulele umakhelwane wakho?+ 13  Minani, nina enithi: “Namuhla noma kusasa sizoya kulo muzi futhi sizochitha unyaka khona, futhi sizoqhuba ibhizinisi sithole imbuyiselo,”+ 14  nibe ningazi ukuthi ukuphila kwenu kuyoba yini kusasa.+ Ngoba niyinkungu ebonakala isikhashana bese inyamalala.+ 15  Esikhundleni salokho, kufanele nithi: “Uma uJehova ethanda,+ sizophila futhi senze lokhu noma lokhuya.”+ 16  Kodwa manje niziqhenya ngokuzigabisa kwenu kokuzazisa.+ Konke ukuziqhenya okunjalo kubi. 17  Ngakho-ke, uma umuntu azi ukuthi angakwenza kanjani okuhle kodwa angakwenzi,+ kuyisono+ kuye.

Imibhalo yaphansi