IzAga 8:1-36
8 Ukuhlakanipha akuqhubeki yini kumemeza,+ nokuqonda akuqhubeki yini kuzwakalisa izwi lako?+
2 Kumi esiqongweni sezindawo eziphakeme,+ ngasendleleni, empambanweni yemigwaqo.
3 Kuqhubeka kumemeza kakhulu+ eceleni kwamasango, ekungeneni komzana,+ ekungeneni kweminyango, kuthi:
4 “O nina bantu, ngiyanibiza, nezwi lami liqondiswe emadodaneni abantu.+
5 O nina abangenalwazi, qondani ukukhalipha;+ nani eniyiziphukuphuku qondani inhliziyo.+
6 Lalelani, ngoba ngikhuluma+ ngezinto ezisemqoka nezindebe zami ngizivula ngokuphathelene nobuqotho.+
7 Ngoba ngokunyenyeza ulwanga lwami lukhuluma iqiniso ngokwalo;+ ububi buyinto enengekayo ezindebeni zami.+
8 Wonke amazwi omlomo wami akhulunywe ngokulunga.+ Kuwo akukho lutho olusontekile noma oluyisigwegwe.+
9 Wonke aqondile konokuqonda, aqotho kwabathola ulwazi.+
10 Thathani isiyalo sami hhayi isiliva, nolwazi esikhundleni segolide lekhethelo.+
11 Ngoba ukuhlakanipha kungcono kunamakhorali,+ futhi zonke ezinye izinto ezijatshulelwayo azinakulinganiswa nakho.+
12 “Mina, kuhlakanipha, ngiye ngahlala nokukhalipha+ futhi ngithola ulwazi lwamakhono okucabanga.+
13 Ukwesaba uJehova kusho ukuzonda okubi.+ Ukuziphakamisa nokuziqhenya+ nendlela embi nomlomo owonakele+ ngiyakuzonda.
14 Ngineseluleko+ nokuhlakanipha okusebenzayo.+ Mina—kuqonda;+ nginamandla.+
15 Amakhosi abusa ngami, nezikhulu eziphakeme zikhipha izinqumo zokulunga.+
16 Izikhulu zibusa ngami njengezikhulu,+ nezicukuthwane zonke zahlulela ngokulunga.+
17 Labo abangithandayo ngiyabathanda,+ nalabo abangifunayo yibo abangitholayo.+
18 Ingcebo nenkazimulo kukimi,+ izinto zenani elikhulu eziyifa kanye nokulunga.+
19 Isithelo sami singcono kunegolide, kunanegolide elicwengiweyo, nomkhiqizo wami kunesiliva lekhethelo.+
20 Ngihamba+ endleleni yokulunga, phakathi nezindlela zokwahlulela,+
21 ukuze ngibangele labo abangithandayo ukuba badle ifa lomcebo;+ izinqolobane zabo ngizigcina zigcwele.+
22 “UJehova wangenza ngingukuqala kwendlela yakhe,+ owokuqala kuyo yonke imisebenzi yakhe yakudala.+
23 Ngamiswa kusukela nini nini,+ kusukela ekuqaleni, kusukela ezikhathini zangaphambi komhlaba.+
24 Zingakabikho izintwa zamanzi ngazalwa njengokungathi ngemihelo,+ kungakabikho ziphethu ezigcwele phama.
25 Zingakazinziswa izintaba,+ ngaphambi kwamagquma, ngazalwa njengokungathi ngemihelo,
26 engakawenzi umhlaba+ nezindawo ezingenalutho nengxenye yokuqala yezingqimba zothuli lwezwe elikhiqizayo.+
27 Lapho elungiselela amazulu ngangikhona;+ lapho eyala ukuba kube khona isiyingi ebusweni botwa lwamanzi,+
28 lapho eqinisa ungqimba lwamafu ngaphezulu,+ lapho ebangela ukuba imithombo yotwa lwamanzi ibe namandla,+
29 lapho emisela ulwandle isinqumo sakhe ukuze amanzi angadluleli ngale komyalo wakhe,+ lapho eyala ukuba kube khona izisekelo zomhlaba,+
30 khona-ke ngangiseceleni kwakhe ngiyisisebenzi esiyingcweti,+ futhi wayengithanda ngokukhethekile+ usuku nosuku, ngithokoza phambi kwakhe ngaso sonke isikhathi,+
31 ngithokoza ngezwe elikhiqizayo lomhlaba+ wakhe, futhi izinto engangizithanda ezaziphathelene namadodana abantu.+
32 “Manje, madodana, ngilaleleni; yebo, bayajabula abagcina izindlela zami.+
33 Lalelani isiyalo nihlakaniphe,+ ningabonisi ukunganaki.+
34 Uyajabula umuntu ongilalelayo ngokuhlala ephapheme eminyango yami usuku nosuku, ngokulinda ezinsikeni zeminyango yami.+
35 Ngoba ongitholayo ngokuqinisekile uyothola ukuphila,+ futhi uthola ukuthakazelelwa nguJehova.+
36 Kodwa ongigejayo wenza ubudlova kowakhe umphefumulo;+ bonke abangizonda kakhulu bathanda ukufa.”+