IzAga 6:1-35
6 Ndodana yami, uma uye waba yisibambiso somuntu wakini,+ uma uye waxhawula isandla sesihambi+
2 uma uye wabhajwa emazwini omlomo wakho,+ uma uye wabanjwa ngamazwi omlomo wakho,
3 thatha lesi sinyathelo-ke, ndodana yami, uzikhulule, ngoba uye waba sentendeni yesandla somuntu wakini:+ Hamba uzithobe umbelesele kakhulu lowo muntu.+
4 Ungawaniki ubuthongo amehlo akho, noma uwanike ukozela amehlo akho akhazimulayo.+
5 Zikhulule njengensephe esandleni nanjengenyoni esandleni somcuphi wezinyoni.+
6 Yana entuthwaneni,+ vila ndini;+ bheka izindlela zayo uhlakaniphe.
7 Nakuba ingenamlawuli nasikhulu nambusi,
8 ilungisa ukudla kwayo ehlobo;+ ibutha ukudla kwayo ngesikhathi sokuvuna.
9 Uyolala kuze kube nini, vila ndini?+ Uyovuka nini ebuthongweni bakho?+
10 Ukulala okuncane okwengeziwe, ukozela okuncane okwengeziwe, ukuqhubeka kancane usonge izandla ulele,+
11 ngokuqinisekile ubumpofu bakho buyofika njengomphangi,+ nokuswela kwakho njengomuntu ohlomile.+
12 Umuntu ongelusizo lwalutho,+ umuntu oyingozi, uhamba egwegwisa inkulumo,+
13 ecifa iso,+ enza izimpawu ngonyawo lwakhe, ekhuluma ngeminwe yakhe.+
14 Ukonakala kusenhliziyweni yakhe.+ Uceba into embi ngaso sonke isikhathi.+ Uqhubeka edala imibango yodwa.+
15 Yingakho eyofikelwa yinhlekelele ngokuzumayo;+ uyophulwa ngomzuzwana, futhi ngeke kube khona ukuphulukiswa.+
16 Kukhona izinto eziyisithupha uJehova azizondayo;+ yebo, ziyisikhombisa izinto ezinengekayo emphefumulweni wakhe:+
17 amehlo aqhoshayo,+ ulimi olunamanga,+ izandla ezichitha igazi elingenacala,+
18 inhliziyo eceba amacebo alimazayo,+ izinyawo ezisheshayo ukugijimela ebubini,+
19 ufakazi wamanga ophafuza amanga,+ nanoma ubani odala imibango phakathi kwabantu abangabafowabo.+
20 O ndodana yami, gcina umyalo kayihlo,+ ungawushiyi umthetho kanyoko.+
21 Yibophele enhliziyweni yakho njalo;+ yibophele entanyeni yakho.+
22 Lapho uhamba, iyokuhola;+ lapho ulala, iyokuqapha;+ nalapho usuvukile, iyokwenza ube yinto ekukhathalelayo.
23 Ngoba umyalo uyisibani,+ nomthetho ungukukhanya,+ nokusola kwesiyalo kuyindlela yokuphila,+
24 ukuze kukuqaphe kowesifazane omubi,+ olimini olubushelelezi lowesifazane wesinye isizwe.+
25 Ungabufisi ubuhle bakhe enhliziyweni yakho,+ futhi kwangathi angekukhange ngamehlo akhe akhazimulayo,+
26 ngoba umuntu uze asale nesinkwa esisodwa+ esiyindilinga ngenxa yowesifazane oyisifebe; kodwa ngokuqondene nomfazi wenye indoda, yebo uzingela umphefumulo oyigugu.+
27 Umuntu angawabuthela yini amalahle esifubeni sakhe kodwa izingubo zakhe zingashi?+
28 Noma, umuntu angahamba yini phezu kwamalahle kodwa izinyawo zakhe zingahanguki?
29 Kunjalo nangomuntu olala nomfazi womuntu wakubo,+ akekho omthintayo oyoyekwa angajeziswa.+
30 Abantu abalideleli isela ngoba nje leba ukuze lisuthise umphefumulo walo lapho lilambile.
31 Kodwa, lapho libanjwa, liyobuyisela ngokuphindwe kasikhombisa; liyokhipha yonke impahla yendlu yalo yenani elikhulu.+
32 Noma ubani ophinga nowesifazane uswele inhliziyo;+ okwenzayo uchitha owakhe umphefumulo.+
33 Uyothola inhlupho nehlazo,+ futhi isihlamba sakhe ngeke sesulwe.+
34 Ngoba ukufutheka kwendoda enamandla kuyisikhwele,+ futhi ngeke ibonise ububele ngosuku lwempindiselo.+
35 Ngeke icabangele noma yiluphi uhlobo lwesihlengo, futhi ngeke ivume, kungakhathaliseki ukuthi usenza sibe sikhulu kangakanani isipho.