Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

IBhayibheli Elikuyi-Internet | INGUQULO YEZWE ELISHA YEMIBHALO ENGCWELE

IzAga 4:1-27

4  O madodana, lalelani isiyalo sikababa+ ninake, ukuze nazi ukuqonda.+  Ngoba ngokuqinisekile ngizoninika isiyalo esihle.+ Ningawushiyi umthetho wami.+  Ngoba ngaba yindodana isibili kubaba,+ ethambile ewukuphela kwayo phambi kukamama.+  Ubaba wayengiyala+ athi: “Kwangathi inhliziyo+ yakho ingaqhubeka iwabambé ngokuqinile amazwi ami.+ Gcina imiyalo yami uqhubeke uphila.+  Zuza ukuhlakanipha,+ zuza ukuqonda.+ Ungawakhohlwa amazwi omlomo wami, futhi ungaphambuki kuwo.+  Ungakushiyi, kuyokugcina. Kuthande, kuyokulonda.  Ukuhlakanipha kuyinto eyinhloko.+ Zuza ukuhlakanipha; kanye nakho konke okuzuzayo, zuza ukuqonda.+  Kwazise kakhulu, kuyokuphakamisa.+ Kuyokunika udumo ngoba uyakugona.+  Kuyoba yigoda lezimbali elithandekayo ekhanda lakho;+ kuyobeka umqhele omuhle phezu kwakho.”+ 10  Yizwa, ndodana yami, wamukele amazwi ami.+ Khona-ke iminyaka yakho yokuphila iyoba miningi.+ 11  Ngizokufundisa indlela yokuhlakanipha;+ ngizokubangela ukuba uhambe emikhondweni yobuqotho.+ 12  Lapho uhamba, izinyathelo zakho ngeke zithothane;+ futhi uma ugijima, ngeke ukhubeke.+ 13  Bamba isiyalo;+ ungasidedeli.+ Silonde, ngoba singukuphila kwakho.+ 14  Ungangeni+ emkhondweni wabakhohlakele, ungahambi uqonde ngqo ungene endleleni yababi.+ 15  Yixwaye,+ ungahambi ngayo;+ phambuka kuyo, udlule.+ 16  Ngoba abalali bengakenzi okubi,+ nobuthongo babo buhlwithiwe uma bengakabangeli othile ukuba akhubeke.+ 17  Ngoba bazondlé ngesinkwa sobubi,+ futhi baphuza iwayini lezenzo zobudlova.+ 18  Kodwa indlela yabalungileyo injengokukhanya okukhulu okuqhubeka kukhanya ngokwengeziwe kuze kube semini enkulu.+ 19  Indlela yababi injengesigayegaye;+ abazi ukuthi yini elokhu ibakhuba.+ 20  Ndodana yami, naka amazwi ami.+ Thambekisela indlebe yakho emazwini ami.+ 21  Kwangathi angesuke emehlweni akho.+ Wagcine phakathi kwenhliziyo yakho.+ 22  Ngoba awukuphila kulabo abawatholayo+ nempilo kuyo yonke inyama yabo.+ 23  Ngaphezu kwakho konke okumelwe kuqashelwe, qapha inhliziyo yakho,+ ngoba imithombo yokuphila ivela kuyo.+ 24  Susa kuwe inkulumo eyisigwegwe;+ nokukhohlisa kwezindebe kudedisele kude nawe.+ 25  Ngokuqondene namehlo akho, kufanele abheke phambili,+ yebo, amehlo akho akhazimulayo kufanele athi njó phambi kwakho.+ 26  Hlelemba indlela yonyawo lwakho,+ futhi kwangathi zonke izindlela zakho zingama ziqine.+ 27  Ungathambekeli ngakwesokunene noma ngakwesobunxele.+ Susa unyawo lwakho kokubi.+

Imibhalo yaphansi