Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

IzAga 2:1-22

2  Ndodana yami, uma uwamukela amazwi ami+ futhi uyilonda kuwe imiyalo yami,+  ukuze unake ukuhlakanipha ngendlebe yakho,+ ukuze uthambekisele inhliziyo yakho ekuqondeni;+  uma, ngaphezu kwalokho, umemeza ufuna ukuqonda+ futhi uzwakalisa izwi lakho ufuna ikhono lokwahlukanisa,+  uma uqhubeka ukufuna njengokungathi ufuna isiliva,+ futhi uqhubeka ukuhlwaya njengokungathi uhlwaya ingcebo efihliweyo,+   uma wenza kanjalo uyokuqonda ukumesaba+ uJehova, futhi uyoluthola ulwazi ngoNkulunkulu.+  Ngoba uJehova unikeza ukuhlakanipha;+ emlonyeni wakhe kuphuma ulwazi nokuqonda.+  Abaqotho uyobabekelela ukuhlakanipha okusebenzayo;+ uyisihlangu kulabo abahamba ngobuqotho,+  ngokuqapha izindlela zokwahlulela,+ futhi uyoyiqapha indlela yabathembekileyo bakhe.+  Uma wenza kanjalo uyokuqonda ukulunga nekhono lokwahlulela nobuqotho, yonke inkambo yokuhle.+ 10  Lapho ukuhlakanipha kungena enhliziyweni yakho+ nolwazi luba mnandi emphefumulweni wakho,+ 11  ikhono lokucabanga liyokuqapha,+ ukuqonda kuyokulonda,+ 12  ukuze kukukhulule endleleni embi,+ kumuntu okhuluma izinto ezonakele,+ 13  kulabo abazishiyayo izindlela zobuqotho ukuze bahambe ezindleleni zobumnyama,+ 14  kulabo abajabulayo ngokwenza okubi,+ abajabulayo ngezinto ezonakele zobubi,+ 15  abazindlela zabo zigwegwile futhi abakhohlisayo endleleni yabo evamile;+ 16  ukuze kukukhulule kowesifazane ongaziwa, kowesifazane wesinye isizwe+ owenze bushelelezi amazwi akhe,+ 17  oshiya umngane oyisifuba wobusha bakhe+ nosikhohliwe isivumelwano sikaNkulunkulu wakhe.+ 18  Ngoba indlu yakhe ishona phansi ekufeni nezindlela zakhe zehlela phansi kulabo abangenamandla ekufeni.+ 19  Akekho noyedwa kulabo abalala naye oyobuya, futhi ngeke baphinde bazithole izindlela zabaphilayo.+ 20  Injongo iwukuba uhambe ngendlela yabantu abahle+ nokuba ugcine izindlela zabalungileyo.+ 21  Ngoba ngabaqotho abayohlala emhlabeni,+ futhi ngabangasoleki abayosala kuwo.+ 22  Kepha ababi bayonqunywa emhlabeni;+ abakhohlisayo bona, bayosishulwa kuwo.+

Imibhalo yaphansi