Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

IBhayibheli Elikuyi-Internet | INGUQULO YEZWE ELISHA YEMIBHALO ENGCWELE

IzAga 18:1-24

18  Ozihlukanisayo uyozifunela isifiso sobugovu;+ uyophulukundlela aphambane nakho konke ukuhlakanipha okusebenzayo.+  Noma ubani oyisiphukuphuku akajabuli ngokuqonda,+ ngaphandle uma inhliziyo yakhe ingazembula.+  Lapho kungena umuntu omubi, kumelwe kungene nokwedelela;+ futhi ihlazo lihambisana nesihlamba.+  Amazwi omlomo womuntu angamanzi ajulile.+ Umthombo wokuhlakanipha uyisifufula esiphuphumayo.+  Ukukhetha omubi akukuhle,+ nokuchilizela eceleni olungile ekwahluleleni.+  Izindebe zoyisiphukuphuku zingena ekuxabaneni,+ nawo kanye umlomo wakhe uzibizela imivimbo.+  Umlomo woyisiphukuphuku uyincithakalo yakhe,+ nezindebe zakhe ziwugibe lomphefumulo wakhe.+  Amazwi omnyundeli anjengezinto okumelwe zigwinywe ngokuphangwa,+ ezehlela ezibilinini zesisu.+  Futhi, owenqenayo emsebenzini wakhe+—ungumfowabo wobangela incithakalo.+ 10  Igama likaJehova lingumbhoshongo oqinile.+ Olungileyo ugijimela kuwo athole isivikelo.+ 11  Izinto zenani elikhulu zomuntu ocebile zingumzana+ wakhe oqinile, emcabangweni wakhe zinjengodonga oluvikelayo.+ 12  Inhliziyo eqhoshayo yandulela ukuphahlazeka komuntu,+ futhi ukuthobeka kwandulela udumo.+ 13  Lapho umuntu ephendula indaba ngaphambi kokuba ayizwe,+ lokho kungubuwula kuye nokululazeka.+ 14  Umoya womuntu ungasibekezelela isifo+ sakhe; kodwa umoya omunyu ubani ongawubekezelela?+ 15  Inhliziyo yoqondayo izuza ulwazi,+ nendlebe yabahlakaniphile ifuna ukuthola ulwazi.+ 16  Isipho somuntu siyomvulela intuba enkulu,+ futhi siyomholela ngisho naphambi kwabantu abakhulu.+ 17  Ongowokuqala ecaleni lakhe lasemthethweni ulungile;+ umuntu wakubo uyangena ngokuqinisekile amphenyisise.+ 18  Inkatho iyayiqeda imibango,+ futhi ihlukanisa ngisho nabanamandla.+ 19  Umuntu owoniwe ngumfowabo uqine ngaphezu komuzi oqinile;+ futhi kukhona imibango enjengomgoqo wombhoshongo wokuhlala.+ 20  Isisu somuntu siyokwaneliswa okuvela esithelweni somlomo wakhe;+ uyokwaneliswa umkhiqizo wezindebe zakhe.+ 21  Ukufa nokuphila kusemandleni olimi,+ futhi oluthandayo uyodla izithelo zalo.+ 22  Ingabe umuntu uthole umfazi omuhle?+ Uthole into enhle,+ futhi uthakazelelwa nguJehova.+ 23  Umuntu onokuncane ukhuluma amazwi okuncenga,+ kodwa ocebile uphendula ngendlela eqinile.+ 24  Kukhona abangane abathambekele ekuphihlizaneni babe yizicucu,+ kodwa kukhona umngane onamathela ngaphezu komfowenu.+

Imibhalo yaphansi