Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

IBhayibheli Elikuyi-Internet | INGUQULO YEZWE ELISHA YEMIBHALO ENGCWELE

IzAga 17:1-28

17  Lungcono ucezu lwesinkwa olomile oluhambisana nokuzola+ kunendlu egcwele imihlatshelo kanye nokuxabana.+  Inceku ebonisa ukuqondisisa iyobusa phezu kwendodana eyenza ngokuhlazisayo,+ futhi iyoba nesabelo sefa phakathi kwezelamani.+  Imbiza yokucwenga ingeyesiliva nesithando somlilo singesegolide,+ kodwa uJehova ungumhloli wezinhliziyo.+  Umenzi wokubi ulalela udebe olulimazayo.+ Umqambimanga ubeka indlebe olimini olubangela ukuhlupheka.+  Omhleka usulu onokuncane uhlambalaze uMenzi wakhe.+ Ojabula ngenhlekelele yomunye ngeke angajeziswa.+  Umqhele wamaxhegu ngabazukulu,+ nobuhle bamadodana ngoyise.+  Kunoma ngubani ongenangqondo udebe oluqotho alufaneleki.+ Kakhulu kangakanani-ke udebe lwamanga koyisicukuthwane!+  Isipho siyitshe elithola umusa emehlweni omnikazi walo omkhulu.+ Nomaphi lapho ephendukela khona uyaphumelela.+  Omboza iseqo ufuna uthando,+ nalowo oqhubeka ekhuluma ngendaba uhlukanisa abantu abangabangane.+ 10  Ukukhuza kungena kujule konokuqonda+ kunokushaya oyisiphukuphuku kayikhulu.+ 11  Omubi ulokhu efuna+ ukudlubulunda kuphela, futhi sinesihluku isithunywa esithunywa ukuba simelane naye.+ 12  Kungcono ukuba umuntu anqwamane nebhere elephucwe amawundlu alo+ kunokuba anqwamane nomuntu oyisiphukuphuku ebuwuleni bakhe.+ 13  Noma ubani obuyisela okubi ngokuhle,+ okubi ngeke kusuke endlini yakhe.+ 14  Ukuqala kombango kunjengomuntu ovulela amanzi;+ ngakho ngaphambi kokuba kuqhume ingxabano, hamba.+ 15  Noma ubani othi omubi ulungile+ nanoma ubani othi olungile mubi+—yebo bobabili bayanengeka kuJehova.+ 16  Kungani kukhona esandleni soyisiphukuphuku intengo angazuza ngayo ukuhlakanipha,+ ebe engenayo inhliziyo?+ 17  Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi,+ futhi ungumfowabo womuntu ozalelwe isikhathi sosizi.+ 18  Umuntu oswele inhliziyo uxhawula izandla,+ uba yisibambiso ngokugcwele phambi komngane wakhe.+ 19  Noma ubani othanda iseqo uthanda ukulwa.+ Noma ubani oyenza iphakame indlela yakhe engenayo ufuna ukuphahlazeka.+ 20  Onenhliziyo eyisigwegwe ngeke akuthole okuhle,+ nonolimi oluphendukezelwe uyowela enhlekeleleni.+ 21  Noma ubani ozala ingane eyisiphukuphuku—kuwusizi kuye;+ futhi uyise womntwana ongenangqondo akajabuli.+ 22  Inhliziyo ejabulayo ingumuthi omuhle,+ kodwa umoya omunyu womisa amathambo.+ 23  Omubi uyokwamukela ngisho nesifumbathiso esifubeni+ ukuze agobe izindlela zokwahlulela.+ 24  Ukuhlakanipha kuphambi kobuso boqondayo,+ kodwa amehlo oyisiphukuphuku asemkhawulweni womhlaba.+ 25  Indodana eyisiphukuphuku iyinkathazo kuyise+ nomunyu kunina owayizala.+ 26  Ngaphezu kwalokho, ukuhlawulisa olungile akukuhle.+ Ukushaya izicukuthwane kumelene nokuqondileyo.+ 27  Noma ubani ogodla amazwi akhe unolwazi,+ nomuntu onokuqonda unomoya ozolile.+ 28  Ngisho noma ubani oyisiwula, lapho ethule, uyobhekwa njengohlakaniphile;+ noma ubani ovala izindebe zakhe, uyobhekwa njengonokuqonda.

Imibhalo yaphansi