IzAga 12:1-28
12 Othanda isiyalo ungothanda ulwazi,+ kodwa ozonda ukusolwa akacabangi.+
2 Umuntu omuhle uJehova uyamamukela,+ kodwa umuntu wemiqondo emibi uthi mubi.+
3 Akekho umuntu oyokuma aqine ngobubi;+ kodwa izimpande zabalungile, ngeke zinyakaziswe.+
4 Umfazi onekhono ungumqhele kumnikazi wakhe,+ kodwa owenza ngokuhlazisayo unjengokubola emathanjeni akhe.+
5 Imicabango yabalungile ingukwahlulela;+ ukuqondisa kwababi kuyinkohliso.+
6 Amazwi ababi angukuqamekela igazi,+ kodwa abaqotho bayokhululwa umlomo wabo.+
7 Ababi bayagumbuqelwa bangabikho,+ kodwa indlu yabalungile iyohlala imile.+
8 Umuntu uyodunyiswa ngenxa yomlomo wakhe onokuqonda,+ kodwa osontekile enhliziyweni uyokwedelelwa.+
9 Ungcono othathwa kalula kodwa ebe enenceku kunozikhazimulisayo kodwa ebe eswele isinkwa.+
10 Olungileyo unakekela umphefumulo wesilwane sakhe esifuywayo,+ kodwa isihe sababi sinesihluku.+
11 Olima umhlabathi wakhe uyokwaneliswa yisinkwa,+ kodwa ophishekela izinto ezingasizi ngalutho uswele inhliziyo.+
12 Omubi ufisa inyamazane yabantu ababi+ ebambeke enethini; kepha impande yabalungile, iyathela.+
13 Umuntu omubi ubanjwa yiseqo sezindebe,+ kodwa olungile uyaphuma osizini.+
14 Umuntu waneliswa okuhle okuvela esithelweni somlomo wakhe,+ futhi isenzo sezandla zakhe umuntu siyobuyela kuye.+
15 Indlela yoyisiwula ilungile emehlweni akhe,+ kodwa olalela iseluleko uhlakaniphile.+
16 Ngumuntu oyisiwula owenza inkathazo yakhe yaziwe ngalo lolo suku,+ kodwa onokuqonda uyalimboza ihlazo.+
17 Okhuluma ukwethembeka uyokhuluma okulungile,+ kodwa ufakazi wamanga, inkohliso.+
18 Kukhona ophahluka njengokuhlaba kwenkemba,+ kodwa ulimi lwabahlakaniphile lungukuphulukisa.+
19 Wudebe lweqiniso+ oluyomiswa luqine kuze kube phakade,+ kodwa ulimi lwamanga luyohlala umzuzwana nje.+
20 Inkohliso isenhliziyweni yalabo abaceba okubi,+ kodwa labo abajonga ukuthula banenjabulo.+
21 Akukho lutho olulimazayo oluyokwehlela olungileyo,+ kodwa ngababi ngokuqinisekile abayogcwaliswa ngenhlekelele.+
22 Izindebe zamanga ziyinto enengekayo kuJehova,+ kodwa abenza ngokwethembeka bayamjabulisa.+
23 Umuntu onokuqonda usibekela ulwazi,+ kodwa yinhliziyo yabayiziphukuphuku ememeza ubuwula.+
24 Yisandla sabakhuthele esiyobusa,+ kodwa isandla esenqenayo siyokwenziswa umsebenzi ophoqelelwe.+
25 Ngukukhathazeka enhliziyweni yomuntu okuyoyibangela ukuba ibhocobale,+ kodwa yizwi elihle eliyenza ijabule.+
26 Olungile uhlola idlelo lakhe, kodwa indlela yababi ibabangela ukuba bazulazule.+
27 Ukwenqena ngeke kumvusele umuntu izinyamazane,+ kodwa okhuthele ungumcebo oyigugu womuntu.
28 Endleleni yokulunga kukhona ukuphila,+ futhi ukuhamba endleleni yako kusho ukungabikho kokufa.+