Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

IsiLilo 4:1-22

א [ʼAʹleph] 4  O yeka indlela elifiphala ngayo igolide elicwebezelayo, igolide elihle!+O yeka indlela amatshe angcwele+ athululwa ngayo ekuqaleni kwazo zonke izitaladi!+ ב [Behth]   Ngokuqondene namadodana ayigugu aseZiyoni,+ akalwa eqhathaniswa negolide elicwengiwe,O yeka indlela abhekwé ngayo njengezimbiza ezinkulu zobumba, umsebenzi wezandla zombumbi!+ ג [Giʹmel]   Ngisho nezimpungushe ziwehlisile umbele. Ziwancelisile amawundlu azo.Indodakazi yabantu bami iba nesihluku,+ njengezintshe ehlane.+ ד [Daʹleth]   Ulimi loncelayo lunamathele olwangeni lwalo ngenxa yokoma.+Abantwana bacele isinkwa.+ Akekho obanika sona.+ ה [Heʼ]   Bona kanye ababedla izinto ezimnandi bafikelwe ukumangala ezitaladini.+Bona kanye ababekhuliswa ngezibubende+ kuye kwadingeka ukuba bagone izinqwaba zomlotha.+ ו [Waw]   Isijeziso sesiphambeko sendodakazi yabantu bami futhi siba sikhulu kunesijeziso sesono saseSodoma,+Elagumbuqelwa njengokungathi ngomzuzwana, futhi okungazange kube khona izandla ezaphendukela kulo ukuze zisize.+ ז [Zaʹyin]   AmaNaziri+ alo ayehlanzekile kuneqhwa;+ ayemhlophe kunobisi.Empeleni ayebomvu+ kakhulu kunamakhorali; ukucwazimula kwawo kwakunjengesafire.+ ח [Chehth]   Ukubukeka kwawo kube mnyama ngaphezu kobumnyama ngokwabo. Awazange abonakale ukuthi angobani ezitaladini.+Isikhumba sawo sishwabene emathanjeni awo.+ Somile njengomuthi. ט [Tehth]   Ababulewe ngenkemba+ babe ngcono kunalabo ababulewe yindlala,+Ngoba laba bayawohloka, begwazwa ngenxa yokuntuleka komkhiqizo wensimu. י [Yohdh] 10  Izandla zabesifazane abanobubele zipheké abantwana babo.+Babe njengesinkwa senduduzo kumuntu ngesikhathi sokuphuka kwendodakazi yabantu bami.+ כ [Kaph] 11  UJehova ukufezile ukufutheka kwakhe.+ Uyithululile intukuthelo yakhe evuthayo.+Uthungela umlilo eZiyoni, odla izisekelo zalo.+ ל [Laʹmedh] 12  Amakhosi omhlaba nabo bonke abakhileyo ezweni elikhiqizayo abazange bakholelwe+Ukuthi ophikisana nabo kanye nesitha babeyongena emasangweni eJerusalema.+ מ [Mem] 13  Ngenxa yezono zabaprofethi balo, iziphambeko zabapristi balo,+Kwakukhona phakathi kwalo abachitha igazi labalungile.+ נ [Nun] 14  Bazulazulé ezitaladini+ njengezimpumputhe.+ Bangcoliswé yigazi,+Kangangokuba akekho okwaziyo ukuthinta izingubo zabo.+ ס [Saʹmekh] 15  Babamemezile bathi: “Sukani endleleni! Asihlanzekile!”+ “Sukani endleleni! Sukani endleleni! Ningathinti!”+Ngoba abasenalo ikhaya.+ Futhi baye bazulazula.+ Abantu bathé phakathi kwezizwe: “Ngeke baphinde bagogobale.+ פ [Peʼ] 16  Ubuso bukaJehova bubahlukanisile.+ Ngeke aphinde+ ababheke.Abantu ngokuqinisekile ngeke babonise ukubacabangela ngisho nabapristi.+ Ngokuqinisekile ngeke babonise umusa ngisho nasemaxhegwini.”+ ע [ʽAʹyin] 17  Lapho sisekhona, amehlo ethu aqhubeka ephela ukulubela usizo ngeze.+Phakathi nokuqalaza kwethu siye sabheka esizweni esingeke sakwazi ukuletha insindiso.+ צ [Tsa·dhehʹ] 18  Bazingelé izinyathelo+ zethu kangangokuba akukho kuhambahamba ezigcawini zethu.Ukuphela kwethu kusondele. Izinsuku zethu ziphelele, ngoba ukuphela kwethu kufikile.+ ק [Qohph] 19  Abasisukelayo baye baba nejubane kunezinkozi zamazulu.+Basihlale ezithendeni+ phezu kwezintaba. Basiqamekele ehlane.+ ר [Rehsh] 20  Wona kanye umoya wamakhala ethu,+ ogcotshiweyo kaJehova,+ ubanjiwe emgodini wabo omkhulu,+Lowo esithé ngaye: “Sizohlala emthunzini+ wakhe phakathi kwezizwe.”+ ש [Sin] 21  Yethaba futhi ujabule+ ndodakazi yakwa-Edomi,+ njengoba nje uhlala ezweni lase-Uze.+Indebe izodlula nangakuwe.+ Uzodakwa futhi uziveze uhamba-ze.+ ת [Taw] 22  O ndodakazi yaseZiyoni, isiphambeko sakho sifinyelele esiphelweni saso.+ Ngeke aphinde akuyise ekudingisweni futhi.+O ndodakazi yakwa-Edomi, yena usinakile isiphambeko sakho. Uzembulile izono zakho.+

Imibhalo yaphansi