IsiHlabelelo SeziHlabelelo 5:1-16
5 “Ngingenile engadini yami,+ dadewethu,+ makoti wami.+ Ngikhé imure yami+ kanye nesiqholo sami. Ngidlé ikhekheba lami lezinyosi kanye noju lwami;+ ngiphuzé iwayini lami kanye nobisi lwami.”
“O bangane, yidlani! Phuzani neqiwe ngukubonakaliswa kothando!”+
2 “Ngilele, kodwa inhliziyo yami iphapheme.+ Kukhona umsindo wokungqongqoza kwesithandwa sami!”+
“O dadewethu, ngivulele,+ ntombazane engumngane wami, juba lami, wena muntu wami ongenasici!+ Ngoba ikhanda lami ligcwele amazolo, izinwele zami zigcwele amathonsi asebusuku.”+
3 “‘Sengisikhumulile isembatho sami. Ngingasigqoka kanjani futhi? Ngizigezile izinyawo zami. Ngingathini ukuzingcolisa futhi?’
4 Isithandwa sami sasibuyisa isandla saso embotsheni yesicabha, futhi izibilini zami+ zahlokoma ngaphakathi kimi.
5 Ngavuka, yebo mina, ukuba ngisivulele isithandwa sami, futhi izandla zami zaconsa imure neminwe yami imure ewuketshezi, ezimbotsheni zesihluthulelo.
6 Ngasivulela, yebo mina, ngasivulela isithandwa sami, kodwa isithandwa sami sase siphendukile, sase sidlulile. Umphefumulo wami uqobo wawuphumile kimi ngesikhathi sikhuluma. Ngasifuna, kodwa angizange ngisithole.+ Ngasibiza, kodwa asizange singiphendule.
7 Abalindi+ ababehambahamba emzini bangithola. Bangishaya, bangilimaza. Abalindi bezindonga+ bangihlubule ibhayi lami elibanzi.
8 “O madodakazi aseJerusalema+ nginifungisile,+ ukuthi, uma nisithola isithandwa sami,+ nisitshele ukuthi ngiyagula uthando lwaso.”+
9 “Isithandwa sakho sizidlula ngani ezinye izithandwa,+ wena omuhle kakhulu phakathi kwabesifazane?+ Isithandwa sakho sizidlula ngani ezinye izithandwa, ukuba usifungise isifungo esinjengalesi?”+
10 “Isithandwa sami siyakhazimula futhi sibomvu, sigqamile kunabo bonke kwabayizinkulungwane eziyishumi.+
11 Ikhanda laso liyigolide, igolide elicwengiweyo. Izinwele zaso zingamahlukuzo amasundu. Izinwele zaso ezimnyama zinjengegwababa.
12 Amehlo aso anjengamajuba ngasemigudwini yamanzi, ageza ngobisi, ahlezi phakathi nezingu zayo.
13 Izihlathi zaso zinjengesivande seziqholo,+ imibhoshongo yamakhambi anephunga elimnandi. Izindebe zaso ziyiminduze, ziconsa imure ewuketshezi.+
14 Izandla zaso ziyimibhobho yegolide, egcwele ikhrisolithe. Isisu saso siwungcwecwe wezinyo lendlovu ombozwe ngamasafire.
15 Imilenze yaso iyizinsika zemabula ezisekelwe phezu kwezisekelo ezinezikhoxe zegolide elicwengiwe. Ukubonakala kwaso kunjengeLebhanoni, kukhetheke njengemisedari.+
16 Ulwanga lwaso luwubumtoti bodwa, futhi konke okwaso kufiseleka ngokuphelele.+ Yiso-ke lesi isithandwa sami, yilo-ke leli isoka lami madodakazi aseJerusalema.”