IsAmbulo 1:1-20
1 Isambulo+ sikaJesu Kristu, uNkulunkulu amnika sona,+ ukuze abonise izinceku zakhe+ izinto okumelwe zenzeke maduzane.+ Wathuma ingelosi yakhe, + wasethula ngayo ngezibonakaliso+ encekwini yakhe uJohane,+
2 owafakazela izwi alinikezwa+ uNkulunkulu nobufakazi obanikezwa nguJesu Kristu,+ ngisho nazo zonke izinto azibona.
3 Uyajabula+ lowo ofunda ngokuzwakalayo+ nalabo abezwa amazwi alesi siprofetho,+ futhi abagcina izinto ezilotshwe kuso;+ ngoba isikhathi esimisiwe siseduze.+
4 UJohane emabandleni ayisikhombisa+ esifundeni sase-Asiya:
Kwangathi ningaba nomusa ongafanelwe nokuthula okuvela “kuLowo okhona nowayekhona nozayo,”+ nasemimoyeni eyisikhombisa+ ephambi kwesihlalo sakhe sobukhosi,
5 nakuJesu Kristu, “uFakazi Othembekileyo,”+ “Izibulo kwabavela kwabafileyo,”+ “noMbusi wamakhosi omhlaba.”+
Kuye osithandayo+ nowasikhulula ezonweni zethu ngegazi lakhe siqu+—
6 wasenza saba ngumbuso,+ abapristi+ kuNkulunkulu wakhe noYise—yebo, inkazimulo namandla makube kuye kuze kube phakade.+ Amen.
7 Bhekani! Uyeza kanye namafu,+ wonke amehlo ayombona,+ nalabo abamgwazayo;+ zonke izizwe zomhlaba ziyozishaya zilusizi ngenxa yakhe.+ Yebo, Amen.
8 “Ngingu-Alfa no-Omega,”+ kusho uJehova uNkulunkulu, “Okhona nowayekhona nozayo,+ uMninimandla onke.”+
9 Mina Johane, umfowenu nomhlanganyeli kanye nani osizini+ nasembusweni+ nasekukhuthazeleni+ kanye noJesu,+ ngaba sesiqhinganeni esibizwa ngokuthi iPhatmose ngenxa yokukhuluma ngoNkulunkulu nangenxa yokufakaza ngoJesu.+
10 Ngokuphefumulelwa+ ngaba+ sosukwini lweNkosi,+ futhi ngezwa ngemva kwami izwi elinamandla+ elinjengelecilongo,
11 lithi: “Lokho okubonayo kulobe+ emqulwini, uwuthumele emabandleni ayisikhombisa,+ elase-Efesu+ nelaseSmirna+ nelasePhergamu+ nelaseThiyathira+ nelaseSardesi+ nelaseFiladelfiya+ nelaseLawodikeya.”+
12 Ngaphenduka ukuze ngibone izwi elalikhuluma nami, sengiphendukile, ngabona izinti zezibani+ eziyisikhombisa zegolide,
13 naphakathi kwezinti zezibani ngabona othile ofana nendodana yomuntu,+ egqoké ingubo eyayifinyelela phansi ezinyaweni, ezibeleni ebophe ibhande legolide.
14 Ngaphezu kwalokho, ikhanda nezinwele zakhe kwakumhlophe+ njengoboya obumhlophe, njengeqhwa, namehlo akhe enjengelangabi lomlilo;+
15 izinyawo zakhe zazinjengethusi+ elicolekileyo lapho libengezela esithandweni somlilo; izwi lakhe+ lalinjengomsindo wamanzi amaningi.
16 Esandleni sakhe sokunene wayephethe izinkanyezi eziyisikhombisa,+ emlonyeni wakhe kuphuma inkemba+ ende ebukhali esika nhlangothi zombili, nobuso bakhe bunjengelanga likhanya ngamandla alo.+
17 Lapho ngimbona, ngawa njengokungathi ngifile ngasezinyaweni zakhe.
Wabeka isandla sakhe sokunene phezu kwami wathi: “Ungesabi.+ NgingowokuQala+ nowokuGcina,+
18 nophilayo;+ ngaba ngofileyo,+ kodwa, bheka! ngiyaphila kuze kube phakade naphakade,+ futhi nginezihluthulelo zokufa+ nezeHayidesi.+
19 Ngakho-ke, loba izinto ozibonile, nezinto ezenzekayo nezinto ezizokwenzeka ngemva kwalezi.+
20 Ngokuqondene nemfihlo engcwele yezinkanyezi eziyisikhombisa+ oziboné esandleni sami sokunene, neyezinti zezibani+ eziyisikhombisa zegolide: Izinkanyezi eziyisikhombisa zisho izingelosi zamabandla ayisikhombisa, kanti izinti zezibani eziyisikhombisa zisho amabandla ayisikhombisa.+