Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

IBhayibheli Elikuyi-Internet | INGUQULO YEZWE ELISHA YEMIBHALO ENGCWELE

Hezekeli 42:1-20

42  Kancane kancane yangikhiphela+ egcekeni elingaphandle ngendlela ebheke enyakatho.+ Yangiletha engxenyeni yekamelo lokudlela+ eyayiphambi kwendawo ehlukanisiwe+ futhi eyayiphambi kwesakhiwo esibheke enyakatho.  Ngaphambi kobude obuyizingalo eziyikhulu kwakukhona umnyango osenyakatho, ububanzi babuyizingalo ezingamashumi amahlanu.  Ngaphambi kwezingalo ezingamashumi amabili zegceke+ elingaphakathi nangaphambi komgandayo+ wegceke elingaphandle kwakukhona izitezi ezintathu zompheme+ ngaphesheya kompheme.  Futhi ngaphambi kwamakamelo okudlela kwakukhona indlela yokuhamba eyizingalo eziyishumi ububanzi eya ngaphakathi,+ indlela eyingalo eyodwa, iminyango yawo yayibheke enyakatho.  Ngokuqondene namakamelo okudlela, awangenhla impela ayemafushane, ngoba imipheme yayiwanciphisa, ukudlula awangaphansi impela nawaphakathi nendawo, ngokuqondene nesakhiwo.  Ngoba ayeyizitezi ezintathu,+ futhi ayengenazo izinsika njengezinsika zamagceke. Yingakho adleka kakhulu kunawangaphansi nawaphakathi nendawo ukusuka phansi.  Udonga lwamatshe olwalungaphandle lwalusondele emakamelweni okudlela ngasegcekeni elingaphandle ngaphambi kwamanye amakamelo okudlela. Ubude balo babuyizingalo ezingamashumi amahlanu.  Ngoba ubude bamakamelo okudlela ayebheke igceke elingaphandle babuyizingalo ezingamashumi amahlanu, futhi, bheka! phambi kwethempeli kwakuyizingalo eziyikhulu.  Ngaphansi kwala makamelo okudlela indlela engenayo yayibheke empumalanga, uma umuntu engena kuwo evela egcekeni elingaphandle. 10  Ebubanzini bodonga lwamatshe lwegceke ngasempumalanga, ngaphambi kwendawo ehlukanisiwe+ nangaphambi kwesakhiwo, kwakukhona amakamelo okudlela.+ 11  Kwakukhona indlela phambi kwawo ekubonakala kwayo kwakunjengamakamelo okudlela ayebheke enyakatho,+ babungako ubude bawo bungako nobubanzi bawo; zonke izindawo zawo zokuphuma zazifana, umklamo wawo ufana, neminyango yawo ifana. 12  Umnyango owawusekuqaleni kwendlela, indlela ephambi kodonga lwamatshe olumalungana nayo olubheke empumalanga, uma umuntu engena eza kuyo, wawufana neminyango yamakamelo okudlela abheke eningizimu.+ 13  Yathi kimi: “Amakamelo okudlela asenyakatho namakamelo okudlela aseningizimu aphambi kwendawo ehlukanisiwe,+ angamakamelo okudlela angcwele, lapho abapristi abasondela+ kuJehova bedlela khona izinto ezingcwelengcwele.+ Bazibeka lapho izinto ezingcwelengcwele nomnikelo wokusanhlamvu nomnikelo wesono nomnikelo wecala, ngoba le ndawo ingcwele.+ 14  Lapho abapristi sebengenile ngeke futhi baphume endaweni engcwele ukuya egcekeni elingaphandle, kodwa bazobeka khona izingubo zabo abakhonza ngazo ngokujwayelekile,+ ngoba ziyinto engcwele. Bayokwembatha ezinye izingubo,+ khona-ke bangasondela kulokho okuphathelene nabantu.” 15  Yaqeda ukulinganisa indlu engaphakathi, yangikhipha ngendlela yesango elalibheke empumalanga,+ yayilinganisa nxazonke. 16  Yalinganisa uhlangothi olungasempumalanga ngomhlanga wokulinganisa. Lwaluyimihlanga engamakhulu amahlanu, ngomhlanga wokulinganisa,+ nxazonke. 17  Yalinganisa uhlangothi olungasenyakatho, imihlanga engamakhulu amahlanu, ngomhlanga wokulinganisa, nxazonke. 18  Yalinganisa uhlangothi olungaseningizimu, imihlanga engamakhulu amahlanu, ngomhlanga wokulinganisa. 19  Yazungeza yaya ohlangothini olusentshonalanga. Yalinganisa imihlanga engamakhulu amahlanu, ngomhlanga wokulinganisa. 20  Yayilinganisa izinhlangothi ezine. Yayinodonga nxazonke,+ olunobude obuyimihlanga engamakhulu amahlanu nobubanzi obuyimihlanga+ engamakhulu amahlanu, ukuze kuhlukaniswe phakathi kokungcwele nokungcolile.+

Imibhalo yaphansi