Hezekeli 29:1-21
29 Ngonyaka weshumi, ngenyanga yeshumi, ngosuku lweshumi nambili lwenyanga, izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
2 “Ndodana yomuntu, misa ubuso bakho bumelane noFaro inkosi yaseGibhithe+ uprofethe ngokumelene naye nangokumelene neGibhithe lilonke.+
3 Khuluma, uthi, ‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushilo: “Bheka ngimelene nawe, Faro, nkosi yaseGibhithe,+ silo esikhulu sasolwandle+ esinabalele phakathi kwemiselekazi yaso yeNayile,+ esithé, ‘UMfula wami iNayile ungowami, mina—mina ngizenzele wona.’+
4 Ngizofaka izingwegwe emihlathini+ yakho ngibangele ukuba izinhlanzi zemiselekazi yeNayile zinamathele emazengeni akho. Ngizokukhuphula ngikukhiphe phakathi kwemiselekazi yakho yeNayile nazo zonke izinhlanzi zemiselekazi yakho yeNayile ezinamathele emazengeni akho.
5 Ngizokushiya ehlane, wena nazo zonke izinhlanzi zemiselekazi yakho yeNayile.+ Uzowela endle.+ Ngeke ubuthwe noma uqoqelwe ndawonye. Ngizokunikela ezilwaneni zasendle zomhlaba nasezidalweni ezindizayo zamazulu ube ngukudla kwazo.+
6 Bonke abakhileyo eGibhithe bayokwazi ukuthi nginguJehova+ ngenxa yokuthi baba uzime oluwumhlanga endlini ka-Israyeli.+
7 Lapho bekubamba ngesandla wafohloka,+ wabangela ukuba liqhekeke lonke ihlombe labo. Futhi lapho bencika kuwe, waphuka,+ futhi wabangela ukuba kuxegezele+ onke amanyonga abo.”
8 “Ngakho-ke yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushilo: “Bhekani ngiletha phezu kwakho inkemba,+ futhi ngizonquma kuwe umuntu wasemhlabeni nesilwane esifuywayo.+
9 Izwe laseGibhithe liyoba yihlane eliyincithakalo nendawo ebhuqiwe;+ futhi bayokwazi ukuthi nginguJehova, ngoba uthé, ‘UMfula iNayile ungowami, mina ngiwenzile.’+
10 Ngakho-ke bheka ngimelene nawe futhi ngimelene nemiselekazi yakho yeNayile,+ futhi ngizokwenza izwe laseGibhithe libe yizindawo ezibhuqiwe, libe ngukoma, nogwadule olwenziwe incithakalo,+ kusukela eMigidoli+ kuye eSiyene+ kuze kube semngceleni weTopiya.
11 Ngeke kudabule kulo unyawo lomuntu wasemhlabeni,+ futhi ngeke kudabule kulo unyawo lwesilwane esifuywayo,+ iminyaka engamashumi amane ngeke lihlalwe.+
12 Ngizokwenza izwe laseGibhithe libe yihlane eliyincithakalo phakathi kwamazwe enziwe incithakalo;+ imizi yalo izoba yihlane eliyincithakalo phakathi kwemizi ebhuqiwe iminyaka engamashumi amane;+ amaGibhithe ngizowahlakazela ezizweni ngiwahlakazele emazweni.”+
13 “‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushilo: “Ekupheleni kweminyaka engamashumi amane+ ngiyowaqoqela ndawonye amaGibhithe abuye ezizweni ayobe ehlakazekele kuzo,+
14 ngiyolibuyisa iqembu lezithunjwa lamaGibhithe; ngiyolibuyisela ezweni lasePhatirosi,+ ezweni lendabuko yalo, lapho liyoba umbuso ophansi.
15 Uyoba phansi kuneminye imibuso, futhi ngeke uphinde uziphakamise ngaphezu kwezinye izizwe,+ futhi ngiyolenza libe nabantu abambalwa kangangokuba lingakwazi ukuthobisa ezinye izizwe.+
16 Ngeke usaba yindlu yokuqiniseka+ kuka-Israyeli, ekhumbuza ngesiphambeko ngokuphenduka kwakhe ayilandele.+ Bayokwazi ukuthi ngiyiNkosi EnguMbusi uJehova.”’”
17 Manje kwathi ngonyaka wamashumi amabili nesikhombisa, ngenyanga yokuqala ngosuku lokuqala lwenyanga, izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
18 “Ndodana yomuntu, uNebukhadirezari uqobo,+ inkosi yaseBhabhiloni, wenza ukuba ibutho lakhe lempi lenze inkonzo enkulu ngokumelene neThire.+ Wonke amakhanda aphuculwa, futhi wonke amahlombe akhuhlwa aphucuka.+ Kodwa yena nebutho lakhe lempi abayitholanga inkokhelo eThire+ ngenxa yenkonzo ababeyenze ngokumelene nalo.
19 “Ngakho-ke yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushilo, ‘Bheka nginika uNebukhadirezari inkosi yaseBhabhiloni izwe laseGibhithe,+ uzomuka nomcebo walo awuphange+ ngokuphanga okukhulu; uzoba yinkokhelo yebutho lakhe lempi.’
20 “‘Ngimniké izwe laseGibhithe njengembuyiselo yenkonzo ayenza ngokumelene nalo, ngoba benzela mina,’+ kusho iNkosi EnguMbusi uJehova.
21 “Ngalolo suku ngiyobangela ukuba indlu ka-Israyeli ihlunyelwe uphondo,+ futhi wena ngiyokunika ithuba lokuvula umlomo phakathi kwayo;+ bayokwazi ukuthi nginguJehova.”