Hezekeli 23:1-49
23 Izwi likaJehova lafika kimi,+ lathi:
2 “Ndodana yomuntu, kwakukhona abesifazane ababili, amadodakazi omfazi munye.+
3 Baqala ukufeba eGibhithe.+ Bafeba ebusheni babo.+ Bapotozwa khona amabele abo,+ bacindezelwa izifuba zobuntombi babo lapho.
4 Amagama abo kwakungu-Ohola omdala no-Oholiba udadewabo, baba ngabami+ baqala ukuzala amadodana namadodakazi.+ Ngokuqondene namagama abo, u-Ohola yiSamariya,+ u-Oholiba yiJerusalema.+
5 “U-Ohola waqala ukufeba,+ esengaphansi kwami, walokhu ekhanukela labo ababemkhanukela,+ ama-Asiriya+ ayeseduze,
6 ababusi abembethe indwangu eluhlaza okwesibhakabhaka, nababusi abangamaphini—bonke beyizinsizwa ezifiselekayo, bengabebutho labamahhashi begibele amahhashi.
7 Waqhubeka ekhiphela ubufebe bakhe kubo, bonke bengamadodana ase-Asiriya ekhethelo isibili; futhi wazingcolisa ngabo bonke labo ayebakhanukela—izithombe zabo ezinjengendle.+
8 Ubufebe bakhe asuka nabo eGibhithe akabushiyanga, ngoba babelale naye ebusheni bakhe, futhi yibo abacindezela amabele obuntombi bakhe futhi baqhubeka bethululela phezu kwakhe ukuziphatha kwabo okubi ngokobulili.+
9 Ngakho-ke ngamnikela esandleni salabo abamkhanukelayo,+ esandleni samadodana ase-Asiriya, ayewakhanukele.+
10 Yibo abembula ubunqunu bakhe.+ Bathatha amadodana akhe namadodakazi akhe,+ yena bambulala ngenkemba. Waba nedumela elibi kwabesifazane, benza kuye izenzo zokwahlulela.
11 “Lapho udadewabo u-Oholiba ekubona,+ khona-ke wabonisa ukukhanuka kwakhe ngendlela eyonakele ngaphezu kwakhe, nobufebe bakhe ngaphezu kobufebe bukadadewabo.+
12 Wakhanukela amadodana ase-Asiriya,+ ababusi nababusi abangamaphini ababeseduze, begqoke kahle ngokuphelele, abebutho labamahhashi abagibela amahhashi—bonke beyizinsizwa ezifiselekayo.+
13 Ngakubona lokho ngoba wayezingcolisile, bobabili babenendlela eyodwa.+
14 Waqhubeka enezela ezenzweni zakhe zobufebe lapho ebona amadoda asemifanekisweni eqoshiwe esodongeni,+ imifanekiso+ yamaKhaledi eqoshiwe yacakwa ngokubomvu,+
15 ebophe amabhande+ ezinkalweni, nemishuqulo elengayo emakhanda awo, ebonakala njengamaqhawe, wonke, efana namadodana aseBhabhiloni, engamaKhaledi ngokuqondene nezwe lokuzalwa kwawo.
16 Waqala ukuwakhanukela lapho amehlo akhe ewabona+ futhi wathumela kuwo izithunywa eKhalideya.+
17 Amadodana aseBhabhiloni ayelokhu efika kuye, embhedeni wokuboniswa kothando, emngcolisa ngokuziphatha kwawo okubi ngokobulili;+ waqhubeka engcoliswa yiwo, umphefumulo wakhe waqala ukuwafulathela unengekile.
18 “Waqhubeka embula izenzo zakhe zobufebe futhi embula ubunqunu bakhe,+ kangangokuthi umphefumulo wami wafulathela unengekile wahlukana naye, njengoba nje umphefumulo wami wafulathela unengekile wahlukana nodadewabo.+
19 Waqhubeka andisa izenzo zakhe zobufebe+ kwaze kwaba seqophelweni lokukhumbula izinsuku zobusha bakhe,+ lapho efeba ezweni laseGibhithe.+
20 Waqhubeka ekhanuka ngendlela yokuziphatha kwezancinza zalabo abasitho sabo senyama sinjengesitho senyama yezimbongolo ezingamaduna nabasitho sabo sobulili sinjengesitho sobulili samahhashi angamaduna.+
21 Futhi waqhubeka udonsela ukunaka ekuziphatheni okubi kobusha bakho ngokucindezelwa kwamabele akho kusukela eGibhithe+ kuqhubeke, ngenxa yamabele obusha bakho.+
22 “Ngakho-ke, Oholiba, yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushilo, ‘Bheka ngivusa izithandwa zakho ezikukhanukelayo+ ukuba zimelane nawe, lezo umphefumulo wakho ozifulathele unengekile, ngizoziletha ukuba zimelane nawe nxazonke,+
23 amadodana aseBhabhiloni+ nawo wonke amaKhaledi,+ uPhekodi+ noShowa noKhowa, wonke amadodana ase-Asiriya kanye nawo, izinsizwa ezifiselekayo, bonke bengababusi nababusi abangamaphini, amaqhawe nababiziweyo, bonke begibele amahhashi.
24 Bazofika bamelane nawe ngokugedlezela kwezinqola zempi namasondo,+ nebandla lamaqembu abantu, ngesihlangu esikhulu nehawu nesigqoko sokuzivikela. Bazomelana nawe nxazonke, futhi ngizobanika ukwahlulela, bakwahlulele ngezahlulelo zabo.+
25 Ngizobonisa intshiseko yami ngokumelene nawe,+ futhi bazokuthathela isinyathelo ngokufutheka.+ Bazosusa ikhala lakho nezindlebe zakho, okusele kwakho kuwe ngenkemba. Amadodana akho namadodakazi akho+ bazowathatha,+ okusele kwakho kuzoshwabadelwa umlilo.+
26 Ngokuqinisekile bazozihlubula izingubo zakho+ bathathe izinto zakho ezinhle.+
27 Empeleni ngizobangela ukuba ukuziphatha kwakho okubi kuphele kuwe,+ nobufebe bakho osuka nabo ezweni laseGibhithe;+ ngeke uphakamisele amehlo akho kubo, neGibhithe ngeke uphinde ulikhumbule.’
28 “Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushilo, ‘Bheka ngikunikela esandleni salabo obazondayo, esandleni salabo umphefumulo wakho obafulathele unengekile.+
29 Bazokuthathela isinyathelo ngenzondo bathathe wonke umkhiqizo wakho wokukhandleka bakushiye uhamba-ze futhi unqunu;+ futhi ubunqunu bezenzo zakho zobufebe nokuziphatha kwakho okubi nezenzo zakho zobundindwa kumelwe kwembulwe.+
30 Kuzokwenziwa lezi zinto kuwe ngenxa yokulandela kwakho izizwe njengesifebe,+ ngenxa yokuthi uzingcolise ngezithombe zabo ezinjengendle.+
31 Uhambé ngendlela kadadewenu;+ kuzomelwe ngikunike indebe yakhe esandleni.’+
32 “Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushilo, ‘Uzophuza indebe kadadewenu, ejulile nebanzi.+ Uzoba yinto yokuhlekwa nokuklolodelwa, indebe equkethe okuningi.+
33 Uzogcwala ukudakwa nosizi, indebe yokushaqeka nencithakalo, indebe kadadewenu iSamariya.
34 Kuyomelwe uyiphuze uyiminye,+ futhi izindengezi zayo uyoziququda, amabele akho uyowahluthula.+ “Ngoba mina ngikhulumile,” kusho iNkosi EnguMbusi uJehova.’
35 “Ngakho-ke yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushilo, ‘Ngenxa yokuthi ungikhohliwe+ futhi ungiphonse ngemva kwakho,+ ngakho-ke nawe thwala ukuziphatha kwakho okubi nezenzo zakho zobufebe.’”
36 UJehova waqhubeka wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ingabe uzobahlulela+ o-Ohola no-Oholiba+ ubatshele izinto zabo ezinengekayo?+
37 Ngoba baphingile+ futhi kukhona igazi ezandleni zabo,+ baphinge nezithombe zabo ezinjengendle.+ Futhi, ngaphandle kwalokho, amadodana abo ababengizalele wona bawadabulise emlilweni njengokudla kuzo.+
38 Ngaphezu kwalokho, yilokhu abakwenzile kimi: Bayingcolisile+ indlu yami engcwele+ ngalolo suku, futhi amasabatha ami bawangcolisile.+
39 Futhi lapho sebewahlabile amadodana abo bewahlabela izithombe zabo ezinjengendle+ bangena ngisho nokungena endlini yami engcwele ngalolo suku ukuze bayingcolise,+ bheka yilokho abakwenzile phakathi kwendlu yami.+
40 Ngaphezu kwalokho, lapho beqala ukuthumela emadodeni avela kude, okwathunyelwa kuwo isithunywa,+ khona-ke bheka! afika,+ lawo owawuwagezele,+ wawagqabela amehlo+ wawavunulela ngemihlobiso.+
41 Wahlala phansi phezu kombhede okhazimulayo,+ kunetafula elihleliwe phambi kwawo,+ wabeka nempepho yami+ namafutha ami phezu kwalo.+
42 Kuye kwakukhona umsindo wesixuku esikhululekile,+ kwakulethwa emadodeni avela oquqabeni lwesintu izidakwa+ zivela ehlane, zafaka amasongo ezandleni zabesifazane zabeka nemiqhele emihle emakhanda abo.+
43 “Khona-ke ngathi ngaye owayesegugiswe ukuphinga,+ ‘Manje uzoqhubeka enza ubufebe bakhe, yena impela.’+
44 Baqhubeka befika kuye, njengoba nje umuntu efika kowesifazane oyisifebe; bafika ngaleyo ndlela ku-Ohola naku-Oholiba njengabesifazane abaziphatha kabi.+
45 Kodwa ngokuqondene namadoda alungile,+ yiwo azomahlulela ngesahlulelo seziphingikazi+ nangesahlulelo sabachithi begazi besifazane;+ ngoba bayiziphingikazi, futhi kukhona igazi ezandleni zabo.+
46 “Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushilo, ‘Kuzolethwa ibandla ngokumelene nabo+ futhi bazokwenziwa into eyethusayo nento yokuphangwa.+
47 Ibandla liyobashaya ngamatshe,+ futhi bayogawulwa ngezinkemba zalo. Amadodana abo namadodakazi abo lizowabulala,+ futhi izindlu zabo lizozishisa ngomlilo.+
48 Ngokuqinisekile ngiyobangela ukuba ukuziphatha okubi+ kuphele ezweni,+ bonke abesifazane bayovuma ukuqondiswa, ukuze bangenzi ngokuvumelana nokuziphatha kwenu okubi.+
49 Bayokwehlisela ukuziphatha kwenu okubi phezu kwenu,+ nizithwale izono zezithombe zenu ezinjengendle; niyokwazi ukuthi ngiyiNkosi EnguMbusi uJehova.’”+