Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

Hezekeli 2:1-10

2  Wathi kimi: “Ndodana yomuntu,+ yima ngezinyawo ukuze ngikhulume nawe.”+  Umoya waqala ukungena kimi ngokushesha nje lapho ekhuluma nami,+ ekugcineni wangenza ngama ngezinyawo ukuze ngizwe izwi laLowo owayekhuluma nami.+  Waqhubeka wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ngikuthuma kubantwana bakwa-Israyeli,+ ezizweni ezidlubulundayo eziye zadlubulunda kimi.+ Bona kanye nokhokho babo baye bona kimi kuze kube yilo kanye lolu suku.+  Abantwana abanobuso+ obeyisayo nenhliziyo elukhuni+—ngikuthuma kubo, futhi kumelwe uthi kubo, ‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushilo.’  Kepha bona, kungakhathaliseki ukuthi bazozwa+ noma bazokwenqaba+—ngoba bayindlu edlubulundayo+—bazokwazi ngokuqinisekile ukuthi umprofethi ubekhona phakathi kwabo.+  “Wena, ndodana yomuntu, ungabesabi;+ futhi ungawesabi amazwi abo, ngoba kukhona abayizijaka+ futhi kukhona nezinto ezikuhlabayo+ futhi uhlala phakathi kofezela.+ Ungawesabi amazwi abo,+ futhi ungafikelwa ukwethuka ngenxa yobuso babo,+ ngoba bayindlu edlubulundayo.+  Kumelwe ukhulume amazwi ami kubo, kungakhathaliseki ukuthi bayezwa noma bayenqaba, ngoba bayadlubulunda.+  “Wena, ndodana yomuntu, yizwa lokhu engikukhuluma kuwe. Ungadlubulundi njengale ndlu edlubulundayo.+ Vula umlomo wakho udle lokhu engikunika kona.”+  Ngaqala ukubona, bheka! kwakukhona isandla eselulelwe kimi,+ futhi bheka! kwakukhona umqulu wencwadi kuso.+ 10  Kancane kancane wawuvula phambi kwami, futhi wawulotshwe ngaphambili nangemuva;+ kwakulotshwe kuwo izingoma zokulila nokugquma nokubangalasa.+

Imibhalo yaphansi