Hezekeli 15:1-8
15 Izwi likaJehova laqhubeka lifika kimi, lithi:
2 “Ndodana yomuntu, uhluke ngani umvini,+ ihlumela, kuyo yonke eminye imithi ephakathi kwemithi yehlathi?
3 Kuyathathwa yini kuwo isigxobo sokwenza umsebenzi othile? Noma ingabe abantu bayathatha kuwo isikhonkwane sokulengisa noma yiluphi uhlobo lwesitsha?
4 Bheka! Kumelwe ufakwe emlilweni ube yinto yokubasela umlilo.+ Umlilo ushwabadela yomibili imikhawulo yawo, namaphakathi nawo kuyahanguka.+ Ingabe ukufanelekele ukusetshenziselwa noma yini?
5 Bheka! Lapho usaphelele, awusetshenziselwa lutho. Kakhulu kangakanani-ke lapho umlilo usuwushwabadele futhi uhanguka, ingabe usekhona umsebenzi ongasetshenziselwa wona!”+
6 “Ngakho-ke yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushilo, ‘Njengomvini phakathi kwemithi yehlathi, engiwunikele emlilweni njengento yokubasela umlilo, ngibanikele kanjalo abakhileyo eJerusalema.+
7 Futhi ngimise ubuso bami bamelana nabo.+ Baphumile emlilweni, kodwa umlilo uyobashwabadela.+ Niyokwazi ukuthi nginguJehova, lapho ngenza ubuso bami bumelane nabo.’”+
8 “‘Futhi ngiyokwenza izwe libe yihlane eliyincithakalo,+ ngenxa yokuthi benzé ngokungathembeki,’+ kusho iNkosi EnguMbusi uJehova.”