Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

Hebheru 8:1-13

8  Manje ngokuqondene nalezi zinto okuxoxwa ngazo, nanti iphuzu eliyinhloko: Sinompristi ophakeme+ onjengalo, futhi uye wahlala phansi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu ngokubabazekayo emazulwini,+  inceku yomphakathi yasendaweni engcwele+ neyasetendeni leqiniso, elamiswa uJehova,+ hhayi umuntu.+  Ngoba wonke umpristi ophakeme umiselwa ukuba anikele izipho nemihlatshelo;+ ngakho-ke kwakudingekile ukuba nalona abe nokuthile kokukunikela.+  Manje-ke, ukube ubesemhlabeni, ubengeke abe ngumpristi,+ njengoba bekhona abantu abanikela izipho ngokoMthetho,  kodwa abanikela inkonzo engcwele emfuziselweni+ nasesithunzini+ sezinto zasezulwini; njengoba nje uMose, lapho esezokwenza itende+ aliqede, anikwa umyalo waphezulu:+ Ngoba uthi: “Qaphela ukuba wenze zonke izinto ngokwesifanekiso sazo owasiboniswa entabeni.”+  Kodwa manje uJesu uthole inkonzo yomphakathi enhle kakhulu, uze futhi ungumlamuleli+ wesivumelwano esingcono esihambelana naso,+ esimiswe ngokomthetho phezu kwezithembiso ezingcono.+  Ngoba uma leso sivumelwano sokuqala sasingenaphutha, yayingeke ifunwe indawo yesesibili;+  ngoba uthola abantu benephutha lapho ethi: “‘Bhekani! Izinsuku ziyeza,’ kusho uJehova, ‘engiyokwenza ngazo isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli nendlu kaJuda;+  hhayi ngokwesivumelwano+ engasenza nokhokho babo mhla ngibabamba ngesandla ngibakhipha ezweni laseGibhithe,+ ngoba abaqhubekanga esivumelwaneni sami,+ ngaze ngayeka ukubanakekela,’ kusho uJehova.”+ 10  “‘Ngoba yilesi isivumelwano engiyosenza nendlu ka-Israyeli ngemva kwalezo zinsuku,’ kusho uJehova. ‘Ngiyofaka imithetho yami ezingqondweni zabo, ngiyilobe nasezinhliziyweni zabo.+ Futhi ngiyoba nguNkulunkulu wabo,+ bona babe ngabantu bami.+ 11  “‘Futhi abasoze bafundisana yilowo nalowo isakhamuzi esikanye naye nalowo nalowo umfowabo, bethi: “Yazi uJehova!”+ Ngoba bonke bayongazi,+ kusukela komncane kunabo bonke kuya komkhulu kunabo bonke kubo. 12  Ngoba ngiyoba nesihe ezenzweni zabo ezingalungile, futhi ngeke ngiphinde ngizikhumbule+ izono zabo.’”+ 13  Ngokusho kwakhe ukuthi “isivumelwano esisha,” wenzé esangaphambili sangabe sisasebenza.+ Manje lokho okwenziwa kungabe kusasebenza nokugugayo kuseduze nokushabalala.+

Imibhalo yaphansi