Hebheru 5:1-14
5 Ngoba yilowo nalowo mpristi ophakeme othathwa kubantu umiswa ngenxa yabantu phezu kwezinto eziphathelene noNkulunkulu,+ ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono.+
2 Uyakwazi ukusebenzelana ngokulinganisela nabangenalwazi nabaphambukayo njengoba naye ehaqwe ubuthakathaka bakhe siqu,+
3 futhi ngenxa yalobo buthakathaka ubophekile ukuba enze iminikelo ngenxa yezono zakhe njengoba nje enza nangenxa yezesizwe.+
4 Futhi, umuntu uthatha lolu dumo, kungengokuzithandela kwakhe,+ kodwa kuphela lapho ebizwa uNkulunkulu,+ njengoba nje no-Aroni+ abizwa.
5 Kanjalo noKristu akazikhazimulisanga yena+ ngokuba umpristi ophakeme,+ kodwa wakhazinyuliswa+ nguye owakhuluma ebhekisele kuye ethi: “Wena uyindodana yami; mina, namuhla, mina ngikuzele.”+
6 Njengoba nje esho futhi kwenye indawo: “Wena ungumpristi kuze kube phakade ngokwendlela kaMelkhizedeki.”+
7 Ezinsukwini zenyama yakhe [uKristu] wenza ukunxusa nezicelo+ kuLowo owayekwazi ukumsindisa ekufeni, ngokukhala okukhulu+ nangezinyembezi, futhi wazwiwa ngomusa ngenxa yokwesaba kwakhe kokuhlonipha uNkulunkulu.+
8 Nakuba ayeyiNdodana, wafunda ukulalela ezintweni ahlupheka ngazo;+
9 futhi ngemva kokuba enziwe waphelela+ waba isisusa sensindiso yaphakade+ kubo bonke abamlalelayo,+
10 ngoba ubizwe uNkulunkulu ngokuqondile ngokuthi ungumpristi ophakeme ngokwendlela kaMelkhizedeki.+
11 Sinokuningi kokukusho ngaye futhi okunzima ukuba kuchazwe, njengoba seniye naba buthuntu ekuzweni.+
12 Ngoba, impela, nakuba bekufanele ngabe ningabafundisi+ ngenxa yesikhathi, nisadinga futhi ukuba othile anifundise kusukela ekuqaleni izinto zokucathula+ zamazwi angcwele kaNkulunkulu;+ futhi senibe njengabadinga ubisi, hhayi ukudla okuqinile.+
13 Ngoba wonke umuntu ophuza ubisi akajwayelene nezwi lokulunga, ngoba uyingane.+
14 Kodwa ukudla okuqinile kungokwabantu abavuthiwe, labo okuthe ngokusebenzisa amandla abo okuqonda+ bawenza aqeqeshelwa ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.+