Hebheru 4:1-16
4 Ngakho-ke, njengoba sisekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni kwakhe,+ masesabe ukuthi ngesinye isikhathi omunye wenu angase abonakale esilele kuso.+
2 Ngoba izindaba ezinhle zimenyezelwe nakithi,+ njengoba nje zimenyezelwe nakubo futhi;+ kodwa izwi elazwakala alibazuzisanga,+ ngoba bona babengahlanganisiwe ukholo+ nalabo abezwa.+
3 Ngoba thina esibonise ukholo siyangena kulokho kuphumula, njengoba nje eshilo: “Ngakho ngafunga+ ngithukuthele ngathi, ‘Ngeke bangene+ ekuphumuleni kwami,’”+ nakuba imisebenzi yakhe yaphela+ kusukela ekusungulweni kwezwe.+
4 Ngoba kwenye indawo washo kanje ngokuqondene nosuku lwesikhombisa: “Futhi uNkulunkulu waphumula ngosuku lwesikhombisa kuyo yonke imisebenzi yakhe,”+
5 uyaphinda futhi kule ndawo uthi: “Ngeke bangene ekuphumuleni kwami.”+
6 Ngakho-ke, njengoba kubasalele abanye ukungena kukho, futhi labo izindaba ezinhle+ ezamenyezelwa kubo kuqala bengazange bangene ngenxa yokungalaleli,+
7 uphinde aphawule usuku oluthile ngokusho ngemva kwesikhathi eside kangaka ehutsheni likaDavide ukuthi, “Namuhla”; njengoba nje kushiwo ngenhla ukuthi: “Uma nilalela izwi lakhe namuhla,+ ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu.”+
8 Ngoba uma uJoshuwa+ ayebaholele endaweni yokuphumula,+ ngabe uNkulunkulu kamuva akakhulumanga+ ngokuqondene nolunye usuku.
9 Ngakho, abantu bakaNkulunkulu basalelwe ukuphumula kwesabatha.+
10 Ngoba umuntu ongene ekuphumuleni kukaNkulunkulu+ naye ngokwakhe uye waphumula emisebenzini yakhe siqu,+ njengoba nje noNkulunkulu eye waphumula kweyakhe.
11 Ngakho-ke, masenze konke okusemandleni ethu ukuze singene kulokho kuphumula, funa kube khona owela esibonelweni esifanayo sokungalaleli.+
12 Ngoba izwi+ likaNkulunkulu liyaphila,+ linamandla+ futhi libukhali kunanoma iyiphi inkemba+ esika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kuhlukane umphefumulo+ nomoya,+ amalunga nomnkantsha wawo, futhi liyakwazi ukuqonda imicabango nezinhloso zenhliziyo.+
13 Futhi akukho ndalo engabonakali emehlweni akhe,+ kodwa zonke izinto zíze futhi zenekwe obala emehlweni alowo esiyolandisa kuye.+
14 Ngakho-ke, njengoba sinompristi omkhulu ophakeme odabule amazulu,+ uJesu iNdodana kaNkulunkulu,+ masibambelele ekumvumeni kwethu.+
15 Ngoba lowo esinaye njengompristi ophakeme, akuyena ongenakuzwelana+ nobuthakathaka bethu, kodwa ngovivinyiwe ezicini zonke njengathi, kodwa ongenasono.+
16 Ngakho-ke, masisondele+ ngenkululeko yokukhuluma+ esihlalweni sobukhosi somusa ongafanelwe, ukuze sizuze isihe futhi sithole umusa ongafanelwe wokusiza ngesikhathi esifanele.+