Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

IBhayibheli Elikuyi-Internet | INGUQULO YEZWE ELISHA YEMIBHALO ENGCWELE

Hebheru 3:1-19

3  Ngenxa yalokho, bazalwane abangcwele, bahlanganyeli bokubizwa+ kwasezulwini, cabangani ngomphostoli+ nompristi ophakeme esimvumayo+—uJesu.  Wayethembekile+ kuLowo owamenza [umphostoli nompristi ophakeme], njengoba noMose+ ayethembekile kuyo yonke indlu yaLowo.+  Ngoba lona ophawulwe kamuva ubalwa njengofanelekele inkazimulo+ engaphezulu kunoMose, njengoba nje lowo+ owakha indlu enodumo ngaphezu kwayo.+  Yebo, yileyo naleyo ndlu yakhiwa othile, kodwa lowo owakha izinto zonke uNkulunkulu.+  Futhi uMose njengesikhonzi+ wayethembekile kuyo yonke indlu yaLowo njengobufakazi bezinto ezaziyokhulunywa kamuva,+  kodwa uKristu wayethembekile njengeNdodana+ phezu kwendlu yaLowo. Siyindlu yaLowo,+ uma siqinisa ukubambelela kwethu enkululekweni yethu yokukhuluma nokuziqhayisa kwethu ethembeni sikwenza kungaxegi kuze kube sekupheleni.+  Ngenxa yalesi sizathu, njengoba nje umoya ongcwele+ usho uthi: “Uma nilalela izwi lakhe namuhla,+  ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasesikhathini lapho nibangela intukuthelo ebabayo,+ njengasosukwini lokungivivinya+ ehlane,+  okhokho benu abangivivinya ngalo ngokungilinga, kodwa beyibonile imisebenzi yami+ iminyaka engamashumi amane.+ 10  Ngenxa yalesi sizathu nganengwa yilesi sizukulwane futhi ngathi, ‘Ngaso sonke isikhathi bayaduka ezinhliziyweni zabo,+ futhi abakazazi izindlela zami.’+ 11  Ngakho ngafunga ngithukuthele ngathi, ‘Ngeke bangene+ ekuphumuleni kwami.’”+ 12  Qaphelani, bazalwane, funa kukhule komunye wenu inhliziyo embi entula ukholo ngokuhlehla kuNkulunkulu ophilayo;+ 13  kodwa qhubekani nikhuthazana+ usuku ngalunye, uma nje kusengathiwa “Namuhla,”+ funa omunye kini enziwe lukhuni amandla okukhohlisa+ esono. 14  Ngoba eqinisweni siba abahlanganyeli bakaKristu+ kuphela uma siqinisa ukubambelela kwethu ekuqinisekeni esasinakho ekuqaleni sikwenza kungaxegi kuze kube sekupheleni,+ 15  ngesikhathi kusathiwa: “Uma nilalela izwi lakhe namuhla,+ ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasesikhathini lapho nibangela intukuthelo ebabayo.”+ 16  Ngoba obani abezwa kodwa nokho bavusa intukuthelo ebabayo?+ Eqinisweni, abenzanga kanjalo yini bonke labo abaphuma eGibhithe ngaphansi kukaMose?+ 17  Ngaphezu kwalokho, obani uNkulunkulu anengwa yibo iminyaka engamashumi amane?+ Akubona yini labo abona, bafela ehlane?+ 18  Kodwa obani afunga+ kubo ukuthi ngeke bangene ekuphumuleni kwakhe ngaphandle kwalabo abangalalelanga?+ 19  Ngakho siyabona ukuthi abangenanga ngenxa yokuntula ukholo.+

Imibhalo yaphansi