Hebheru 13:1-25
13 Uthando lwenu lobuzalwane maluqhubeke.+
2 Ningakukhohlwa ukungenisa izihambi,+ ngoba ngakho abanye, bengazi, babungaza izingelosi.+
3 Hlalani nibakhumbula labo abasezibophweni zasetilongweni+ njengokungathi niboshwe kanye nabo,+ nalabo abaphathwa kabi,+ njengoba nani ngokwenu nisesemzimbeni.
4 Umshado mawuhlonishwe yibo bonke, nombhede womshado ungangcoliswa,+ ngoba uNkulunkulu uyozahlulela izifebe neziphingi.+
5 Indlela yenu yokuphila mayingabi nalo uthando lwemali,+ naneliswe+ izinto ezikhona.+ Ngoba uthé: “Angisoze ngakushiya noma ngikulahle nganoma iyiphi indlela.”+
6 Ukuze sibe nesibindi+ futhi sithi: “UJehova ungumsizi wami; ngeke ngesabe. Umuntu angangenzani?”+
7 Khumbulani abaholayo phakathi kwenu,+ abaye bakhuluma izwi likaNkulunkulu kini, futhi njengoba nicabangisisa ngomphumela wokuziphatha kwabo nilingise+ ukholo lwabo.+
8 UJesu Kristu uyefana izolo nanamuhla, kuze kube phakade.+
9 Ningathatheki yizimfundiso ezihlukahlukene nezingaziwa;+ ngoba kuhle ngenhliziyo ukuba iqiniswe ngomusa ongafanelwe,+ hhayi ngokudliwayo,+ abangazuzanga ngakho labo abazigcina bematasa ngako.
10 Sine-altare abangenalo igunya lokudla kulo labo abenza inkonzo engcwele etendeni.+
11 Ngoba izidumbu zalezo zilwane ezigazi lazo lingeniswa umpristi ophakeme endaweni engcwele ngenxa yesono zishiswa ngaphandle kwekamu.+
12 Ngakho noJesu, ukuze angcwelise+ abantu ngegazi lakhe siqu,+ wahlupheka ngaphandle kwesango.+
13 Khona-ke, masiphume siye kuye ngaphandle kwekamu, sithwele isihlamba asithwala,+
14 ngoba asinawo lapha umuzi omiyo,+ kodwa sifuna ngobuqotho lowo ozayo.+
15 Ngaye masinikele ngaso sonke isikhathi kuNkulunkulu umhlatshelo wokudumisa,+ okuwukuthi, isithelo sezindebe+ ezivuma obala igama lakhe.+
16 Ngaphezu kwalokho, ningakukhohlwa ukwenza okuhle+ nokupha abanye izinto, ngoba uNkulunkulu ujatshuliswa yimihlatshelo enjalo.+
17 Lalelani abaholayo phakathi kwenu+ futhi nizithobe,+ ngoba baqapha imiphefumulo yenu njengabayolandisa;+ ukuze lokhu bakwenze ngenjabulo hhayi ngokububula, ngoba lokhu bekuyonilimaza.+
18 Qhubekani nisithandazela,+ ngoba sithemba ukuthi sinonembeza othembekile, njengoba sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.+
19 Kodwa nginikhuthaza ikakhulukazi ukuba nenze lokhu ukuze ngibuyiselwe kini ngokushesha.+
20 Kwangathi uNkulunkulu wokuthula,+ owanyusa kwabafileyo+ umalusi omkhulu+ wezimvu+ ngegazi lesivumelwano esiphakade,+ iNkosi yethu uJesu,
21 anganihlomisa ngazo zonke izinto ezinhle ukuba nenze intando yakhe, enza kithi ngoJesu Kristu lokho okujabulisayo emehlweni akhe;+ inkazimulo mayibe kuye kuze kube phakade naphakade.+ Amen.
22 Manje ngiyanikhuthaza, bazalwane, ukuba nilibekezelele leli zwi lesikhuthazo, ngoba, ngempela, nginilobelé incwadi ngamazwi ambalwa.+
23 Phawulani ukuthi ukhululiwe umfowethu uThimothewu,+ engizonibona kanye naye, uma efika ngokushesha impela.
24 Ngikhonzeleni kubo bonke abaholayo+ phakathi kwenu nakubo bonke abangcwele. Abase-Italiya+ bayakhonza kini.
25 Umusa ongafanelwe+ ube nani nonke.