Hebheru 1:1-14
1 UNkulunkulu, lowo kudala ezikhathini eziningi+ nangezindlela eziningi owakhuluma nokhokho bethu esebenzisa abaprofethi,+
2 ukhulumé nathi ekupheleni kwalezi zinsuku+ esebenzisa iNdodana,+ ayimisé ukuba ibe yindlalifa yezinto zonke,+ naleyo enzá+ ngayo izimiso zezinto.
3 Iwukubonakaliswa kwenkazimulo yakhe+ nomfanekiso okuyiwonawona wobuqu bakhe uqobo,+ futhi isekela zonke izinto ngezwi lamandla ayo;+ futhi ngemva kokuba ihlanze izono+ zethu, yahlala phansi ngakwesokunene+ soMkhulu ngokubabazekayo ezindaweni eziphakemeyo.+
4 Ngakho isiye yaba ngcono kunezingelosi,+ ngezinga lokuthi isiye yazuza njengefa igama+ elihle kakhulu kunelazo.
5 Ngokwesibonelo, iyiphi ezingelosini ake wathi kuyo: “Wena uyindodana yami; mina, namuhla, mina ngikuzele”?+ Waphinde wathi: “Mina ngokwami ngiyoba uyise, yona ibe yindodana yami”?+
6 Kodwa lapho ephinda eletha iZibulo lakhe+ emhlabeni owakhiwe, uthi: “Zonke izingelosi+ zikaNkulunkulu mazimkhothamele.”+
7 Futhi, ebhekisela ezingelosini uthi: “Wenza izingelosi zakhe zibe yimimoya, nezinceku zakhe ezikhonza umphakathi zibe yilangabi lomlilo.”+
8 Kodwa ebhekisela eNdodaneni uthi: “UNkulunkulu uyisihlalo sakho sobukhosi kuze kube phakade+ naphakade, futhi intonga yombuso+ wakho iyintonga yobuqotho.+
9 Wathanda ukulunga, wazonda ukweqa umthetho. Yingakho uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, akugcoba+ ngamafutha okwethaba ukudlula abangane bakho.”+
10 Futhi uthi: “Ekuqaleni, wena Nkosi, wabeka izisekelo zomhlaba, futhi amazulu awumsebenzi wezandla zakho.+
11 Wona ayoshabalala, kodwa wena uyohlala njalo; ayoguga wonke njengengubo yangaphandle+ nje,
12 futhi uyowasonga njengesambatho,+ njengengubo yangaphandle; ayoguqulwa, kodwa wena ulokhu unjalo, futhi iminyaka yakho ayisoze yaphela.”+
13 Kodwa iyiphi ezingelosini ake athi ebhekisele kuyo: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho”?+
14 Aziyona yini zonke imimoya+ enikela inkonzo yomphakathi,+ ethunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayozuza insindiso njengefa?+