Genesise 34:1-31
34 Manje uDina indodakazi kaLeya,+ ayeyizalele uJakobe, wayevame ukuphuma ayobona+ amadodakazi akulelo zwe.+
2 UShekemi indodana kaHamori umHivi,+ isikhulu sakulelo zwe, wambona wayesemthatha walala naye wamona.+
3 Umphefumulo wakhe waqala ukunamathela kuDina indodakazi kaJakobe, wayithanda le ntombi futhi walokhu ekhuluma ngendlela ethonyayo nale ntombi.
4 Ekugcineni uShekemi wathi kuHamori uyise.+ “Ngithathele le nkosazana esencane ibe ngumkami.”+
5 UJakobe wezwa ukuthi wayemngcolisile uDina indodakazi yakhe. Amadodana akhe ayesemadlelweni nomhlambi wakhe;+ uJakobe wathula aze abuya.+
6 Kamuva uHamori, uyise kaShekemi, waphuma waya kuJakobe eyokhuluma naye.+
7 Amadodana kaJakobe afika evela emadlelweni ngokushesha nje lapho ezwa ngakho; futhi la madoda ezwa ubuhlungu futhi athukuthela kakhulu,+ ngoba wayenze ubuwula obuyichilo ku-Israyeli ngokulala nendodakazi kaJakobe,+ kuyilapho kungamelwe yenziwe into enjalo.+
8 UHamori wabe esekhuluma nabo, wathi: “UShekemi indodana yami, umphefumulo wakhe unamathele endodakazini yenu.+ Ngiyacela, mganiseleni yona,+
9 nakhe ubuhlobo bomshado nathi.+ Amadodakazi enu nisinike wona, namadodakazi ethu nizithathele wona.+
10 Futhi ningahlala nathi, futhi izwe nizolithola. Hlalani nihwebe kulo nizinze kulo.”+
11 Khona-ke uShekemi wathi kuyise kaDina nakubafowabo: “Mangithole umusa emehlweni enu, noma yini enizoyibiza kimi ngizoyikhipha.
12 Likhuphuleni kakhulu ilobolo nesipho enginqunyelwe sona,+ ngizimisele ukukhipha ngokuvumelana nalokho eningase nikubize kimi; kuphela ngiganiseleni le ntombi.”
13 Amadodana kaJakobe abaphendula ngenkohliso uShekemi noHamori uyise futhi akhuluma kanjalo ngoba engcolise uDina udadewabo.+
14 Aqhubeka athi kubo: “Asinakukwazi ukwenza into enjalo, udadewethu simnike indoda enejwabu,+ ngoba lokho kuyisihlamba kithi.
15 Singavuma ngalo mbandela kuphela, ukuba nibe njengathi, ngokuba bonke abesilisa kini basokwe.+
16 Khona-ke sizoninika ngokuqinisekile amadodakazi ethu, nathi sizithathele amadodakazi enu, futhi sihlale nani sibe yisizwe esisodwa.+
17 Kodwa uma ningasilaleli ukuba nisokwe, khona-ke sizoyithatha indodakazi yethu sihambe.”
18 Amazwi abo abonakala emahle emehlweni kaHamori nasemehlweni kaShekemi, indodana kaHamori,+
19 futhi le nsizwa ayilibalanga ukuwugcina lo mbandela,+ ngoba yayijabula ngendodakazi kaJakobe futhi yayinodumo+ kakhulu kunabo bonke endlini kayise.+
20 Ngakho uHamori noShekemi indodana yakhe baya esangweni lomuzi wakubo baqala ukukhuluma namadoda omuzi+ wakubo, bathi:
21 “Laba bantu bathanda ukuba nokuthula nathi.+ Ngakho masibavumele bahlale ezweni bahwebe kulo, njengoba izwe libanzi impela phambi kwabo.+ Amadodakazi abo singazithathela wona njengabafazi bethu namadodakazi ethu singabanika wona.+
22 Yilo mbandela kuphela la madoda azovuma ngawo ukuhlala nathi ukuze sibe yisizwe esisodwa, ukuba bonke abesilisa kithi basokwe njengoba nje nabo besokiwe.+
23 Khona-ke impahla yabo nomcebo wabo nayo yonke imfuyo yabo, ngeke yini kube okwethu?+ Kuphela masivume ukuba bahlale nathi.”+
24 Khona-ke bonke ababephuma ngesango lomuzi wakubo bamlalela uHamori noShekemi indodana yakhe, futhi bonke abesilisa basokwa, bonke ababephuma ngesango lomuzi wakubo.
25 Nokho, kwathi ngosuku lwesithathu, lapho beqaqanjelwa,+ amadodana amabili kaJakobe, uSimeyoni noLevi,+ abafowabo bakaDina,+ athatha yilowo nalowo inkemba yakhe baya emzini ngokungasolisi bafike babulala bonke abesilisa.+
26 UHamori noShekemi indodana yakhe bababulala ngosiko lwenkemba.+ Base bemthatha uDina endlini kaShekemi baphuma.+
27 Amanye amadodana kaJakobe ahlasela amadoda ayelimele kabi aphanga umuzi, ngoba babengcolise udadewabo.+
28 Imihlambi yabo yezimvu nezimbuzi nemihlambi yabo yezinkomo kanye nezimbongolo zabo nalokho okwakusemzini nokwakusemasimini bakuthatha.+
29 Konke ababeziphilisa ngakho nabo bonke abantwana babo nabafazi babo babathumba bamuka nabo, baphanga konke okwakusezindlini.+
30 Khona-ke uJakobe wathi kuSimeyoni noLevi:+ “Ningilethele isigcwagcwa ngokungenza ngibe iphunga elibi kwabakhileyo baleli zwe,+ kumaKhanani namaPherizi; njengoba ngimbalwa ngesibalo,+ ngokuqinisekile bazobuthana bangihlasele ngibhuqwe, mina nendlu yami.”
31 Bona bathi: “Ingabe udadewethu kufanele aphathwe njengesifebe?”+