Genesise 23:1-20
23 Ukuphila kukaSara kwaba iminyaka eyikhulu namashumi amabili nesikhombisa. Leyo kwakuyiminyaka yokuphila kukaSara.+
2 Khona-ke uSara wafa eKiriyati-ariba,+ okungukuthi, eHebroni,+ ezweni laseKhanani,+ u-Abrahama wangena ukuzolilela uSara nokuzomkhalela.
3 Khona-ke u-Abrahama wasukuma phambi kofileyo wakhe wayesekhuluma namadodana kaHeti,+ wathi:
4 “Ngingumfokazi nesifiki phakathi kwenu.+ Nginikeni indawo yokungcwaba ibe ngeyami phakathi kwenu ukuze ngingcwabe ofileyo wami asuke phambi kwamehlo ami.”+
5 Khona-ke amadodana kaHeti amphendula u-Abrahama, athi kuye:
6 “Sizwe, nkosi yami.+ Uyisikhulu sikaNkulunkulu phakathi kwethu.+ Ngcwaba ofileyo wakho endaweni ekhetheke kunazo zonke izindawo zethu zokungcwaba.+ Akekho noyedwa kithi ozokugodlela indawo yakhe yokungcwaba, akuvimbele ukuba ungcwabe ofileyo wakho.”+
7 U-Abrahama wasukuma wakhothama kubantu bendawo,+ emadodaneni kaHeti,+
8 wakhuluma nawo, wathi: “Uma imiphefumulo yenu ivuma ukuba ngingcwabe ofileyo wami asuke phambi kwamehlo ami, ngilaleleni futhi ningincengele u-Efroni indodana kaZohari,+
9 ukuba anginike umhume waseMakaphela,+ ongowakhe, osemkhawulweni wensimu yakhe. Makanginike wona phakathi kwenu ngenani eliphelele lesiliva ube yindawo yami yokungcwaba.”+
10 Ngaleso sikhathi, u-Efroni wayehlezi namadodana kaHeti. Ngakho u-Efroni umHeti+ waphendula u-Abrahama kuzwa amadodana kaHeti kanye nabo bonke ababengena esangweni lomuzi wakhe, wathi:+
11 “Cha, nkosi yami! Ngilalele. Insimu ngikunika yona, nomhume okuyo ngikunika wona. Ngikunika wona phambi kwamehlo amadodana abantu bakithi.+ Ngcwaba ofileyo wakho.”
12 Khona-ke u-Abrahama wakhothama phambi kwabantu bendawo
13 wakhuluma no-Efroni kuzwa abantu bendawo, wathi: “Kuphela uma wena—cha, ngilalele! Ngizokunika inani lesiliva ngensimu. Lithathe,+ ukuze ngingcwabe ofileyo wami khona.”
14 Khona-ke u-Efroni wamphendula u-Abrahama, wathi kuye:
15 “Nkosi yami, ngilalele. Isiqinti esibiza amashekeli esiliva angamakhulu amane, kuyini lokho phakathi kwami nawe? Ngakho ngcwaba ofileyo wakho.”+
16 Ngakho u-Abrahama wamlalela u-Efroni, u-Abrahama wamkalela u-Efroni inani lesiliva ayelishilo kuzwa amadodana kaHeti, amashekeli esiliva angamakhulu amane ngokwenani elalisetshenziswa abathengisi.+
17 Kanjalo insimu ka-Efroni eyayiseMakaphela, phambi kwaseMamre, insimu nomhume owawukuyo nayo yonke imithi eyayisensimini,+ eyayingaphakathi kwayo yonke imingcele yayo ezungezile, yaqinisekiswa+
18 ukuthi ingeka-Abrahama njengendawo yakhe ayithengile phambi kwamehlo amadodana kaHeti phakathi kwabo bonke ababengena ngesango lomuzi wakubo.+
19 Ngemva kwalokho u-Abrahama wamngcwaba uSara umkakhe emhumeni wensimu yaseMakaphela phambi kwaseMamre, okungukuthi, eHebroni, ezweni laseKhanani.+
20 Kanjalo insimu nomhume owawukuyo kwaqinisekiswa ezandleni zamadodana kaHeti ukuthi kungokuka-Abrahama ukuba kube indawo yakhe yokungcwaba.+