Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

IBhayibheli Elikuyi-Internet | INGUQULO YEZWE ELISHA YEMIBHALO ENGCWELE

Filipi 3:1-21

3  Okokugcina, bazalwane, qhubekani nijabula eNkosini.+ Ukunilobela izinto ezifanayo akungikhathazi, kuphephisa nina.  Qaphelani izinja,+ qaphelani abantu abayingozi, qaphelani labo abasika ijwabu.+  Ngoba thina sinokusoka kwangempela,+ sinikela inkonzo engcwele ngomoya+ kaNkulunkulu futhi siziqhayisa ngoKristu Jesu+ futhi asithembeli enyameni,+  nakuba kuyimi onesizathu sokuthembela nasenyameni, uma ekhona onaso. Uma noma imuphi omunye umuntu ecabanga ukuthi unesizathu sokuthembela enyameni, mina nginaso nakakhulu:+  ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili,+ ngiphuma emndenini wakwa-Israyeli, ngingowesizwe sakwaBhenjamini,+ umHebheru ozalwa ngamaHebheru;+ ngokuqondene nomthetho, ngingumFarisi;+  ngokuqondene nentshiseko, ngashushisa ibandla;+ ngokuqondene nokulunga okuza ngomthetho, ngingongasoleki.  Kodwa noma yiziphi izinto ezaziyinzuzo kimi, lezi ngizishaye indiva ngenxa kaKristu.+  Phela, ngempela zonke izinto ngizishaya indiva ngenxa yenzuzo edlula zonke izinto, yolwazi ngoKristu Jesu iNkosi yami.+ Ngenxa yakhe ngiye ngamukela ukulahlekelwa yizo zonke izinto futhi ngizibheka njengenqwaba yezibi,+ ukuze ngizuze uKristu  futhi ngitholakale ngimunye naye, nginokulunga okuza ngokholo+ kuKristu, ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngesisekelo sokholo,+ hhayi ukulunga kwami siqu, okuwumphumela womthetho,+ 10  ukuze ngimazi yena kanye namandla okuvuka+ kwakhe nokuhlanganyela ezinhluphekweni+ zakhe, ngizithoba ekufeni okunjengokwakhe,+ 11  ukuze ngibone ukuthi ngingefinyelele yini nganoma iyiphi indlela ekuvukeni kokuqala+ kwelabafileyo. 12  Akukhona ukuthi sengiwamukele kakade noma ukuthi sengenziwe ngaphelela+ kakade, kodwa ngiphishekela+ ukubona ukuthi ngingekubambe+ yini nami lokho engibanjwe+ uKristu Jesu ngenxa yako. 13  Bazalwane, angikazibheki njengosewubambile; kodwa yinye into ekhona ngakho: Njengoba ngikhohlwa izinto ezingemuva+ futhi ngilulekela phambili ezintweni ezingaphambili,+ 14  ngiphishekela emgomweni+ ukuze ngithole umklomelo+ wobizo lwaphezulu+ lukaNkulunkulu ngoKristu Jesu. 15  Khona-ke, sonke thina esivuthiwe,+ masibe nalesi simo sengqondo;+ futhi uma ninokuthambekela kwengqondo okuhlukile kunoma isiphi isici, uNkulunkulu uyonambulela isimo sengqondo esingenhla. 16  Noma kunjalo, ngezinga esesithuthuke ngalo, masiqhubeke sihamba ngokuhlelekile+ ngalo mkhondo ofanayo. 17  Ngobunye yibani abalingisi+ bami, bazalwane, futhi iso lenu lihlale likulabo abahamba ngendlela evumelana nesibonelo eninaso esiyithi.+ 18  Ngoba kukhona abaningi, ngangivame ukukhuluma ngabo kaningi kodwa manje ngikhuluma ngabo nangezinyembezi, abahamba njengezitha zesigxobo sokuhlushwa sikaKristu,+ 19  futhi isiphetho sabo siwukubhujiswa,+ unkulunkulu wabo yisisu sabo,+ inkazimulo yabo isehlazweni labo,+ futhi izingqondo zabo zisezintweni zomhlaba.+ 20  Kepha thina, siyizakhamuzi+ zasemazulwini,+ okuyindawo futhi esilindele+ kuyo ngokulangazela umsindisi, iNkosi uJesu Kristu,+ 21  oyololonga kabusha umzimba wethu othotshisiwe+ ukuze uvunyelaniswe nomzimba wakhe+ okhazimulayo ngokusebenza+ kwamandla anawo, yebo, amandla okubeka+ zonke izinto ngaphansi kwakhe.

Imibhalo yaphansi