Esteri 8:1-17
8 Ngalolo suku iNkosi u-Ahashiveroshi yanika u-Esteri indlovukazi indlu kaHamani,+ owayenobutha namaJuda;+ futhi uMoridekayi ngokwakhe wangena phambi kwenkosi, ngoba u-Esteri wayeyitshelile lokho ayeyikho kuye.+
2 Khona-ke inkosi yakhipha indandatho yayo enophawu+ eyayiyithathile kuHamani yayinika uMoridekayi; u-Esteri waqhubeka wabeka uMoridekayi phezu kwendlu kaHamani.+
3 Ngaphezu kwalokho, u-Esteri waphinde wakhuluma phambi kwenkosi futhi wawela phansi phambi kwezinyawo zayo wakhala futhi wanxusa+ umusa wayo ukuba inqande ububi+ bukaHamani umAgagi necebo+ lakhe ayelicebile ngamaJuda.+
4 Khona-ke inkosi yelulela intonga yayo yegolide+ ku-Esteri, u-Esteri wasukuma wema phambi kwenkosi.
5 Wathi: “Uma kubonakala kukuhle enkosini, futhi uma ngitholé umusa+ phambi kwayo futhi le nto ifanelekile phambi kwenkosi nami ngimuhle emehlweni ayo, makulotshwe ukuba kuchithwe izincwadi ezilotshiwe,+ icebo likaHamani indodana kaHamedatha umAgagi,+ azilobela ukuba kubhujiswe amaJuda+ akuzo zonke izifunda zombuso wenkosi.+
6 Ngoba ngingakubekezelela kanjani ukubukela inhlekelele ezofikela abantu bakithi, futhi ngingakubekezelela kanjani ukubukela ukubhujiswa kwezihlobo zami?”
7 Ngakho iNkosi u-Ahashiveroshi yathi ku-Esteri indlovukazi nakuMoridekayi umJuda: “Bhekani! Indlu kaHamani ngiyiniké u-Esteri,+ yena ulengiswé esigxotsheni,+ ngenxa yokuthi welulelé isandla sakhe kumaJuda.
8 Nina lobani ngokuphathelene namaJuda ngokwalokho okuhle emehlweni enu egameni lenkosi+ futhi nikubeke uphawu ngendandatho yenkosi enophawu; ngoba umbhalo olotshwe egameni lenkosi wabekwa uphawu ngendandatho yenkosi enophawu akunakwenzeka ukuwuchitha.”+
9 Ngakho ngaso leso sikhathi kwabizwa onobhala+ benkosi ngenyanga yesithathu, okungukuthi, inyanga kaSivani, ngosuku lwayo lwamashumi amabili nantathu; ukuloba kwaqhubeka ngokuvumelana nakho konke lokho uMoridekayi ayekuyale amaJuda nababusi bezifunda+ nababusi nezikhulu zezifunda zombuso kusukela eNdiya kuze kube seTopiya, izifunda zombuso eziyikhulu namashumi amabili nesikhombisa,+ kulotshelwa isifunda ngasinye sombuso ngokwendlela yaso yokuloba+ nesizwe ngasinye ngokolimi lwaso,+ namaJuda ngokwendlela yawo yokuloba nangolimi lwawo siqu.+
10 Wayeseloba egameni leNkosi+ u-Ahashiveroshi futhi waphawula+ ngendandatho yenkosi enophawu+ futhi wathumela izincwadi ezilotshiwe ngesandla sezithunywa zeposi ezigibela amahhashi,+ ezigibela amahhashi eposi asetshenziswa enkonzweni yasebukhosini, amathole amaduna azalwa amahhashi ayizinsikazi anejubane,
11 ukuthi inkosi yayiwavumele amaJuda ayekuyo yonke imizi ehlukahlukene ukuba abuthane+ futhi amele imiphefumulo yawo, ukuba abhuqe, abulale futhi abhubhise lonke ibutho labantu+ nesifunda sombuso ababenobutha nawo, abancane nabesifazane, nokuba aphange impango yabo,+
12 ngosuku olulodwa+ kuzo zonke izifunda zombuso weNkosi u-Ahashiveroshi, ngosuku lweshumi nantathu+ lwenyanga yeshumi nambili, okungukuthi, inyanga ka-Adari.+
13 Ikhophi+ yalo mbhalo yayizokhishwa njengomthetho kuzo zonke izifunda zombuso ezihlukahlukene, isakazwe kuwo wonke amaqembu abantu, ukuthi amaJuda kufanele alulungele lolu suku ukuze aziphindiselele+ ezitheni zawo.
14 Izithunywa zeposi,+ ezigibela amahhashi eposi asetshenziswa enkonzweni yasebukhosini, zaphuma, ziqhutshezelwa futhi zigqugquzelwa yizwi lenkosi ukuba ziphuthume;+ futhi umthetho ngokwawo wakhishwa enqabeni iShushani.+
15 Kepha uMoridekayi, waphuma phambi kwenkosi embethe isembatho sasebukhosini+ sokuluhlaza okwesibhakabhaka nelineni, enomqhele omkhulu wegolide, nesembatho sendwangu ecolekileyo,+ ngisho nesoboya obudaywe baba nsomi ngokubomvu.+ Umuzi waseShushani wampongoloza ujabule.+
16 Kwaba khona ukukhanya nokujabula+ nokwethaba nodumo kumaJuda.
17 Futhi kuzo zonke izifunda zombuso ezihlukahlukene nakuyo yonke imizi ehlukahlukene nomaphi lapho izwi lenkosi nomthetho wayo kwakufinyelela khona kwakunokujabula nokwethaba kumaJuda, idili+ nosuku oluhle; futhi izizwe eziningi+ zezwe zazithi zingamaJuda,+ ngoba ingebhe+ ngamaJuda yayehlele phezu kwazo.