Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

IBhayibheli Elikuyi-Internet | INGUQULO YEZWE ELISHA YEMIBHALO ENGCWELE

Esteri 7:1-10

7  Khona-ke inkosi noHamani+ bangena ukuze badle idili no-Esteri indlovukazi.  Manje nangosuku lwesibili phakathi nedili lewayini inkosi yathi ku-Esteri:+ “O Esteri ndlovukazi, ukhala ngani?+ Mawukunikwe nokukunikwa.+ Futhi siyini isicelo sakho? Ngisho noma kungaba yingxenye yobukhosi+—masenziwe nokwenziwa!”  U-Esteri indlovukazi waphendula wathi: “O nkosi, uma ngitholé umusa emehlweni akho, futhi uma kubonakala kukuhle enkosini, manginikwe umphefumulo wami siqu+ ngokukhala kwami nabantu bakithi+ ngesicelo sami.  Ngoba sithengisiwe,+ mina nabantu bakithi, ukuba sibhuqwe, sibulawe futhi sibhujiswe.+ Manje ukube besithengiselwe ukuba sibe nje yizigqila+ nezincekukazi, bengizothula. Kodwa lolu sizi alufanelekile uma luzodalela inkosi umonakalo.”  INkosi u-Ahashiveroshi yathi, yebo, yaqhubeka yathi ku-Esteri indlovukazi: “Ubani lowo,+ futhi uphi nje lowo muntu oqunge isibindi+ sokwenza ngaleyo ndlela?”  Khona-ke u-Esteri wathi: “Umuntu, umphikisi+ nesitha,+ yilo Hamani omubi.” UHamani wesaba kakhulu+ ngenxa yenkosi nendlovukazi.  Inkosi yona, yasukuma ingqangqa+ edilini lewayini yaya engadini yesigodlo; futhi uHamani wasukuma eyocelela umphefumulo wakhe ku-Esteri indlovukazi,+ ngoba wayebona ukuthi inkosi+ imnqumele okubi.+  Inkosi yabuya engadini yesigodlo yabuyela endlini yedili lewayini;+ uHamani wayewele phezu kwesihlalo esisambhede+ u-Esteri ayephezu kwaso. Ngalokho inkosi yathi: “Ingabe futhi indlovukazi izodlwengulwa ngikhona endlini?” Kwaphuma izwi emlonyeni wenkosi,+ futhi babumboza ubuso bukaHamani.  UHaribona,+ esinye sezikhulu zegceke+ ezaziphambi kwenkosi, manje wathi: “Futhi, kunesigxobo+ uHamani asenzele uMoridekayi, okhulume okuhle ngokuphathelene nenkosi,+ simi endlini kaHamani—siyizingalo ezingamashumi amahlanu ukuphakama.” Inkosi yathi: “Mlengiseni kuso.”+ 10  Base bemlengisa uHamani esigxotsheni+ ayesilungisele uMoridekayi;+ ulaka lwenkosi lwabohla.

Imibhalo yaphansi