Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

IBhayibheli Elikuyi-Internet | INGUQULO YEZWE ELISHA YEMIBHALO ENGCWELE

Esteri 6:1-14

6  Phakathi nalobo busuku inkosi yaqwasha.+ Ngakho-ke yathi makulethwe incwadi yemibhalo egciniwe+ yezindaba zezikhathi. Kanjalo yafundwa phambi kwenkosi.  Ekugcineni kwatholakala kulotshwe lokho uMoridekayi ayekubikile+ ngokuphathelene noBhigithani, noThereshi, izikhulu ezimbili zegceke+ zenkosi, abalindimnyango, ezazifune ukubeka isandla eNkosini u-Ahashiveroshi.  Khona-ke inkosi yathi: “Yiluphi udumo nento enkulu eyenzelwa uMoridekayi ngalokhu?” Izinceku zenkosi, izikhonzi zayo, zathi: “Akenzelwanga lutho.”+  Kamuva inkosi yathi: “Ubani osegcekeni?” UHamani wayesanda kungena egcekeni elingaphandle+ lendlu yenkosi ezotshela inkosi ukuthi makulengiswe uMoridekayi esigxotsheni+ ayesilungisele yena.  Ngalokho izinceku zenkosi zathi kuyo: “Nangu uHamani+ emi egcekeni.” Ngakho inkosi yathi: “Mngeniseni.”  Lapho uHamani engena, inkosi yathi kuye: “Yini engenzelwa umuntu inkosi ethanda ukumdumisa?”+ UHamani wathi enhliziyweni yakhe: “Ubani inkosi engathanda ukumnikeza udumo ngaphezu kwami?”+  Ngakho uHamani wathi enkosini: “Umuntu inkosi ngokwayo ethanda ukumdumisa,  makulethwe isembatho sasebukhosini+ inkosi ezembathisa sona nehhashi eligitshelwa yinkosi+ lithweswé enhloko umnqwazo wasebukhosini.  Futhi leso sembatho nehhashi makuphathiswe esinye sezikhulu zenkosi eziyizicukuthwane;+ mabamembathise lo muntu inkosi ejabulela ukumdumisa, futhi bamgibelise ehhashini esigcawini+ somuzi,+ kumenyezwe phambi kwakhe kuthiwe, ‘Yile indlela okwenziwa ngayo kumuntu inkosi ejabulela ukumdumisa.’”+ 10  Ngaso leso sikhathi inkosi yathi kuHamani: “Shesha, thatha isembatho nehhashi, njengoba nje ushilo, wenze ngaleyo ndlela kuMoridekayi umJuda ohlezi esangweni lenkosi. Kungaphuthi nokukodwa kukho konke okukhulumile.”+ 11  UHamani wathatha isembatho+ nehhashi wembathisa uMoridekayi+ wamgibelisa ehhashini esigcawini+ somuzi futhi wamemeza phambi kwakhe ethi:+ “Yile indlela okwenziwa ngayo kumuntu inkosi ethanda ukumdumisa.”+ 12  Ngemva kwalokho uMoridekayi wabuyela esangweni lenkosi.+ UHamani yena, waphuthuma endlini yakhe, elila futhi emboze ikhanda.+ 13  UHamani waqhubeka walandisa uZereshi+ umkakhe nabo bonke abangane bakhe konke okwakumehlele. Amadoda akhe ahlakaniphile+ noZereshi umkakhe bathi kuye: “Uma kungukuthi uMoridekayi osuqalile ukuwa phambi kwakhe uvela enzalweni yamaJuda, awuyikumnqoba, kepha uzowa nakanjani phambi kwakhe.”+ 14  Besakhuluma naye izikhulu zegceke zenkosi zafika futhi zashesha+ zaletha uHamani edilini+ u-Esteri ayelenzile.

Imibhalo yaphansi