Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

Esteri 10:1-3

10  INkosi u-Ahashiveroshi yayala ukuba izwe neziqhingana+ zolwandle zenze umsebenzi ophoqelelwe.+  Kepha wonke umsebenzi wayo wamandla namandla ayo nakho konke ukulandisa okuqondile kobukhulu bukaMoridekayi+ inkosi eyamkhulisa+ ngabo, akulotshiwe yini eNcwadini yezindaba+ zezikhathi zamakhosi aseMediya nasePheresiya?+  Ngoba uMoridekayi umJuda wayengowesibili+ ngemva kweNkosi u-Ahashiveroshi futhi wayemkhulu phakathi kwamaJuda futhi amukelwa uquqaba lwabafowabo, esebenzela inhlalakahle yabantu bakubo futhi ekhuluma ukuthula+ kuyo yonke inzalo yabo.

Imibhalo yaphansi