Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

IBhayibheli Elikuyi-Internet | INGUQULO YEZWE ELISHA YEMIBHALO ENGCWELE

Eksodusi 27:1-21

27  “Futhi kumelwe wenze i-altare lokhuni lomtholo, libe yizingalo ezinhlanu ubude nezingalo ezinhlanu ububanzi. Leli altare+ kufanele libe nezinhlangothi ezine ezilinganayo, ukuphakama kwalo kube yizingalo ezintathu.  Kumelwe wenze izimpondo zalo+ emachosheni alo womane. Izimpondo zalo zizophuma kulo, futhi kumelwe ulinameke ngethusi.+  Kumelwe wenze amakani alo okususa imilotha yalo enamafutha, namahalavu alo, nezitsha zalo, nezimfoloko zalo, nemicengezi yalo yomlilo; futhi uzokwenza zonke izinto zalo ngethusi.+  Kumelwe ulenzele ihele, okunjengenetha+ okwenziwe ngethusi; kumelwe wenze phezu kwenetha amasongo amane ethusi emikhawulweni yalo yomine.  Kumelwe ulifake ngaphansi kondi lwe-altare phansi ngaphakathi, inetha libe maphakathi nendawo ne-altare.+  Futhi kumelwe wenze izingongolo ze-altare, izingongolo zalo zibe ngezokhuni lomtholo, uzinameke ngethusi.+  Izingongolo zalo kumelwe zifakwe emasongweni, lezi zingongolo zibe sezinhlangothini zombili ze-altare lapho lithwalwa.+  Uzolenza libe umphongolo wamapulangwe oyigobongo. Njengoba nje ekubonisile entabeni, bazolenza kanjalo.+  “Futhi kumelwe wenze igceke+ letabernakele. Ohlangothini olubheke iNegebhi, eningizimu, igceke linezilenge zelineni elicolekile elisontiwe,+ ubude bohlangothi olulodwa buyizingalo eziyikhulu. 10  Izinsika zalo ezingamashumi amabili kanye nezisekelo zazo ezinezikhoxe ezingamashumi amabili zingezethusi. Izikhonkwane zezinsika nezinhlangano zazo zingezesiliva.+ 11  Kunjalo futhi nangobude bohlangothi olusenyakatho, izilenge ziyizingalo eziyikhulu ubude, izinsika zalo ezingamashumi amabili nezisekelo zazo ezinezikhoxe ezingamashumi amabili zingezethusi, izikhonkwane zezinsika nezinhlangano zazo zingezesiliva.+ 12  Ngokuqondene nobubanzi begceke, ohlangothini olusentshonalanga izilenge ziyizingalo ezingamashumi amahlanu, izinsika zazo ziyishumi nezisekelo zazo ezinezikhoxe ziyishumi.+ 13  Ububanzi begceke ohlangothini olusempumalanga ngalapho kuphuma khona ilanga buyizingalo ezingamashumi amahlanu.+ 14  Futhi kukhona izilenge eziyizingalo eziyishumi nanhlanu ohlangothini olulodwa, izinsika zazo zintathu nezisekelo zazo ezinezikhoxe zintathu.+ 15  Kolunye uhlangothi kukhona izingalo eziyishumi nanhlanu zezilenge, izinsika zazo zintathu nezisekelo zazo ezinezikhoxe zintathu.+ 16  “Esangweni legceke kukhona isihenqo esiyizingalo ezingamashumi amabili ubude, sentambo eluhlaza okwesibhakabhaka noboya obudaywe baba nsomi ngokubomvu nendwangu ebomvu ngokunsomi nelineni elicolekileyo elisontiwe, umsebenzi womeluki,+ izinsika zazo zine nezisekelo zazo ezinezikhoxe zine.+ 17  Zonke izinsika zegceke nxazonke zinezinto zokubopha zesiliva, nezikhonkwane zazo zingezesiliva kodwa izisekelo zazo ezinezikhoxe zingezethusi.+ 18  Ubude begceke buyizingalo eziyikhulu,+ ububanzi buyizingalo ezingamashumi amahlanu, nokuphakama kuyizingalo ezinhlanu, lenziwe ngelineni elicolekile elisontiwe, izisekelo zazo ezinezikhoxe zingezethusi. 19  Zonke izinto zetabernakele zayo yonke inkonzo yalo, nazo zonke izikhonkwane zalo zetende, nazo zonke izikhonkwane zegceke zingezethusi.+ 20  “Wena, kumelwe uyale abantwana bakwa-Israyeli ukuba bakutholele amafutha omnqumo ahlanzekile agquliwe enkanyiso, ukuze ukhanyise izibani njalo.+ 21  Etendeni lokuhlangana, ngaphandle kwesihenqo+ esingasebuFakazini, u-Aroni namadodana akhe bazoyihlela kusukela kusihlwa kuze kuse phambi kukaJehova.+ Kuyisimiso kuze kube nini nanini ezizukulwaneni zabo,+ okumelwe senziwe abantwana bakwa-Israyeli.+

Imibhalo yaphansi