Eksodusi 18:1-27
18 UJetiro umpristi wakwaMidiyani, umukhwe+ kaMose, wezwa ngakho konke uNkulunkulu ayekwenzele uMose no-Israyeli abantu bakhe, indlela uJehova ayekhiphe ngayo u-Israyeli eGibhithe.+
2 Ngakho uJetiro, umukhwe kaMose, wathatha uZiphora, umkaMose, ngemva kokuba emukisiwe,
3 kanye namadodana akhe amabili,+ igama lenye kunguGereshomu,+ “ngenxa yokuthi,” kusho yena, “ngiye ngaba umfokazi kwelinye izwe”;
4 igama lenye kungu-Eliyezeri,+ “ngenxa yokuthi,” uma simcaphuna, “uNkulunkulu kababa ungumsizi wami ngoba wangikhulula enkembeni kaFaro.”+
5 Ngakho uJetiro, umukhwe kaMose, namadodana akhe nomkakhe baya kuMose ehlane lapho ayekanise khona, entabeni kaNkulunkulu weqiniso.+
6 Khona-ke wathumela izwi kuMose wathi: “Mina, umukhwe wakho, uJetiro,+ ngizé kuwe, kanye nomkakho namadodana akhe amabili.”
7 Ngaso leso sikhathi uMose waphuma wahlangabeza umukhwe wakhe, wawa ngobuso wamanga;+ ngamunye wabuza omunye ukuthi wayeqhuba kanjani. Ngemva kwalokho bangena etendeni.
8 UMose wamlandisa umukhwe wakhe konke uJehova ayekwenzile kuFaro nakulo iGibhithe ngenxa ka-Israyeli,+ nabo bonke ubunzima obabubehlele endleleni,+ nokho uJehova ebakhulula.+
9 Khona-ke uJetiro wathokoza ngakho konke okuhle uJehova ayekwenzele u-Israyeli ngokuthi wayemkhululile esandleni saseGibhithe.+
10 Ngenxa yalokho uJetiro wathi: “Makadunyiswe uJehova, onikhulule esandleni seGibhithe nasesandleni sikaFaro, futhi okhulule laba bantu ngaphansi kwesandla seGibhithe.+
11 Manje ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu kunabo bonke abanye onkulunkulu+ ngenxa yale ndaba abaseGibhithe ababegabadele kuyo kuma-Israyeli.”
12 Khona-ke uJetiro, umukhwe kaMose wathathela uNkulunkulu umnikelo wokushiswa nemihlatshelo;+ u-Aroni nawo wonke amadoda amadala akwa-Israyeli beza bazokudla isinkwa kanye nomukhwe kaMose, phambi kukaNkulunkulu weqiniso.+
13 Kwathi ngosuku olulandelayo uMose wahlala phansi njengokujwayelekile ukuze akhonze njengomahluleli wabantu,+ abantu babelokhu bemile phambi kukaMose kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.
14 Umukhwe kaMose wakubona konke lokho ayekwenzela abantu. Ngakho wathi: “Luhlobo luni lomsebenzi lolu olwenzela abantu? Kungani kunguwe wedwa olokhu ehlezi futhi bonke abantu beqhubeka bemi phambi kwakho kusukela ekuseni kuze kuhlwe?”
15 UMose wathi kumukhwe wakhe: “Kungoba abantu balokhu beza kimi bezobuza kuNkulunkulu.+
16 Uma kwenzeka kuphakama icala,+ kumelwe lize kimi ngahlulele phakathi kwalolu hlangothi nolunye, futhi kumelwe ngenze izinqumo zikaNkulunkulu weqiniso nemithetho yakhe kwaziwe.”+
17 Umukhwe kaMose wathi kuye: “Ayiyinhle le ndlela owenza ngayo.
18 Nakanjani uzokhathala, wena nalaba bantu abakanye nawe, ngoba lo msebenzi uwumthwalo omkhulu kakhulu kuwe.+ Awukwazi ukuwenza wedwa.+
19 Manje lalela izwi lami.+ Ngizokweluleka, futhi uNkulunkulu uzoba nawe.+ Wena sebenza njengommeleli wabantu phambi kukaNkulunkulu weqiniso,+ wena ulethe amacala kuNkulunkulu weqiniso.+
20 Kumelwe ubaxwayise ukuthi ziyini iziqondiso nemithetho,+ futhi kumelwe ubazise indlela okufanele bahambe ngayo nomsebenzi okufanele bawenze.+
21 Kodwa wena kufanele ukhethe kubo bonke abantu amadoda anekhono,+ esaba uNkulunkulu,+ amadoda athembekile,+ azonda inzuzo engalungile;+ uwabeke phezu kwabo njengezinduna zezinkulungwane,+ izinduna zamakhulu, izinduna zamashumi amahlanu, nezinduna zamashumi.+
22 Kumelwe ahlulele abantu ngazo zonke izikhathi ezifanele; kuyokuthi wonke amacala amakhulu awalethe kuwe,+ kodwa wonke amacala amancane awasingathe wona njengabahluleli. Kanjalo zenzele lula, wona athwalisane nawe umthwalo.+
23 Uma uyenza le nto, futhi uNkulunkulu ukuyalile, khona-ke ngokuqinisekile uzokwazi ukuyimela, futhi, ngaphandle kwalokho, laba bantu bayofika bonke endaweni yabo ngokuthula.”+
24 Ngokushesha uMose walilalela izwi lomukhwe wakhe wakwenza konke ayekushilo.+
25 UMose wakhetha amadoda anekhono ku-Israyeli wonke wawanika izikhundla zokuba izinhloko phezu kwabantu,+ njengezinduna zezinkulungwane, izinduna zamakhulu, izinduna zamashumi amahlanu nezinduna zamashumi.
26 Ahlulela abantu ngazo zonke izikhathi ezifanele. Icala elinzima ayeliletha kuMose,+ kodwa wonke amacala amancane ayewasingatha wona ngokwawo njengabahluleli.
27 Ngemva kwalokho uMose wamphelezela umukhwe wakhe,+ wahamba waya ezweni lakubo.